Amaphupho Okufa

Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywe uvalo kodwa bungekho ubungozi.

Ukufa

  • Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada umuntu noma umbone ukuthi ngubani oshadayo kuyenzeka ukuthi kushone lowo osuke umbonile.
  • ¬†Uma uphupha kunesivunguvungu somoya omnyama kube sengathi kuyabophana esiswini. Noma kanjani kukhona ozohamba, umuntu wakini ozalwa naye esiswini esisodwa.
  • Uma uphupha ukhokhela umuntu wemoto imali kodwa imoto ihambe njalo ingami uze uphaphame. Usuke uphuphela umuntu wakini kungaba yingane yakho oyizalayo.
  • Uma uphupha umuntu omaziyo ehamba ngemoto engehliki kuyona, lowomuntu uyahamba emhlabeni.
  • Uma uphupha kunabantu abaningi behlanganyela umuzi bewakha ngokushesha. Kuba ngumakhelwane wakho, umngani wakho omkhulu noma umuntu omjwayele nje.
  • Uma uphupha ibhokisi lomngcwabo nemoto yasemakhazeni. Kungashona umuntu wakini noma umakhelwane.
  • Uma uphupha izimpahla eziningi zokugqoka nempahla yasendlini endala. Kukhona ozohamba emhlabeni.
  • Uma uphupha amanzi amaningi ekungaba ahlanzekile noma angcolile kuchaza isifo. Amanzi angcolile ayasibika isisu noma umuntu okhulelwe.

Amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa

Read moreAmaphupho Okufa

Sign up for updates