Amaphupho ngokungcola nokuhlanzeka

Uma uphupha ukuthi ungcolile, kuwuphawu lwesikhathi esinzima ekusaseni lakho. Kusho kakhulu ukuthi kungenzeka ube namahloni ngenxa yento oyenzayo. Uma ungcolile ngoba omunye umuntu ekujikijela ngezinto, kusho ukuthi uzokwenza izitha, ngakho qaphela izinto ozitshela abantu. Kodwa uma ungcole ngoba uwile phansi, kusho ukuthi uzokhuthuzwa noma ulahlekelwe yimali maduzane. iAfrikaiAfrika project

Amaphupho ngokubhala

Ukubhala Uma uphupha ukuthi uyabhala, kusho izinto ezinhle uma iphepha lihlanzekile linobunono – uzoba nomshado onenjabulo kanye nezingane ezinhle. Uma uzama ukubhala kodwa ungakwazi, noma uklebhula iphepha, kusho ukuthi awuhlakaniphile ngendlela oyicabangayo futhi uzozithola usenkingeni maduzane. iAfrikaiAfrika project

Amaphupho ngokubhukuda

Uma uphupha ukuthu uyabhukuda, kuwuphawu oluhle uma ikhanda lakho lingaphezulu kwamanzi – ikakhulukazi emsebenzini nasebudlelwaneni bakho nabanye. Uma amanzi ehlanzekile ecwebile, kuhle kakhulu. Uma ubhukuda phansi kwamanzi kusho ukuthi kunezinkinga ezizayo kuwe, ikakhulukazi uma amanzi efiphele. iAfrikaiAfrika project