Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

Read moreAmaphupho Okuphonswa

Indawo Lapho Kufanele Izingxoxo Zamalobolo Zibanjelwe Khona

Udaba lokulobola lude futhi miningi imigomo nemithetho elandelwayo uma kuqala lesigaba. Okubalulekile ukuthi yomibili imindeni kufanele iqinisekise ukuthi ziyalandelwa zonke izinto ngendlela ezojabulisa nalabo abangasekho. Lapha sibheka ukuthi ilobolo kufanele likhokhwe komuphi umuzi. UMama uThembi Mdlalose usilandise kabanzi ngaloludaba. Ilobolo isiko elibalulekile lesintu lapho imindeni emibili engazani iqala yakha ubuhlobo ngoba izingane zabo sezifuna ukuganana. … Read more

Izindawo zokubeka impahla ekhaya

Umgibe Umgibe yindawo eyakhiwe endlini esetshenziselwa ukugaxa noma ukubeka izingubo zokugqoka ukuze kuqoqeke ekhaya. Umgibe wakhiwa ngokuthi kuthathwe izintingo ezincane ziboshelwe ngocingo noma uzishayelele ngezipikili¬† ophahleni. Umgibe wakhiwa endlini yokulala. Ngesinye isikhathi umgibe wakhiwa ngocingo, lushayelelwe ukusuka ngasesandleni sokudla kuye kwesokunxele. Umgibe wawusetshenziswa ezikhathini zakudala ngoba ayengekho amakhabethe ezingubo futhi kwakugaxwa izingubo zokugqoka. Kweminye imindeni … Read more