Nothisa isiZulu sakho ngalezi zisho

Ngaphambilini sike sasika elijikayo ngezisho, siveza ukuthi izaga ziwubuciko ekukhulumeni ulimi lwesiZulu. Izisho zinothisa ziphinde zikunandise ulimi. Yandisa ulwazi lwakho wezisho ngacosha kulezi:

  • Ukuhamba ulifake isiphandla – ukuhamba ufuna into ethile eyigugu
  • Ukugeza amehlo – ukubuka ngokujula into enhle
  • Ukugubhazela uthotholwane – ukujabula kakhulu
  • Uhlanga luwe ngendlela – ukwenzeka kwento ebivele ihlosiwe
  • Indangabane – ukukhula
  • Ukuhlinzela ezibini – ukuphatha umuntu ngesihluku
  • Isizungu sibulala inkonyane – ukuba nesizungu kakhulu
  • Usifumbu uhleka uqhaqhazela – umuntu obona ububi bomunye ehluleka ukuhlaziya obakhe
  • Asilima sindlebende kwayo – umuntu noma angaba nesici esinjani kodwa kubo uthandiwe
  • Ukungabuzi elangeni – ukuhluleka ukuhlaziya noma ukugwema ingozi
  • Ukuwotha umbovu – ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele, uzibambe uzame nokufihla ukudinwa
  • Undingasithebeni – umuntu ongenayo indawo yokuhlala
  • Akulahlwa mbeleko ngakufelwa – kusho ukungaphelelwa ithemba nasezimweni ezinzima

 

Leave a Reply