AbaseMbo Bhengu Buthelezi Chamane Dlamini Dubazana Dube Gatsheni Imiphakathi Izibongo Izigodi Mabhida Majola Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Myeni Ndwandwe Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Sesha

Izithakazelo zakwaSithole

Sithole,

Jobe!

Mondise!

Phumela phandle ngoba kufudumele

Ungaze ube nomngandeni

Matshana!

Mhlakaza nhlansi zingamshisi

Ziyoshisabalondolozi

Maphitha!

Mthembu waseGubazi

AbaThembu bengabakwaMvelase

Ngqikazi kaGabela

Zitsha zimnyama

zingamankankazana

Nyama kaMaqoqo

Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa

Nina bakaThakazelwayo

Nina bakaMqolo

Owadl’ omuny’ umqolo

Nina bakaDidiz’ umkhaba

Mkhomb’ owadl’ eminy’ imikhombe

Lwandl’ oluhamb’ ezintabeni

Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandaka

Qomondol’ umantinyane

Olubukumuntu lumethembise

Sengathi luzomakhel’ umuzi

Kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane

Mthiyane Sonomo!

Nina bakaMkhawozi

Owakhawuz’ amadod’ akhawuleka

Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi

Nina bakaNyawo zimthende

Zimthendelezi

Ngwenyedlel’ ohawini

Nina baseNyongweni

Chakijana kaGezindaka

Suka bekhuluma!

Bhande kaMtshiba

Mahamba!

Ngokuhamb’ uyeSwazini

Luhuluhulu!

Nyokeni!

Nina baseLenge!

Ninenabulal’ abathakathi

NjengoShaka!

Nadlula naweluThukela

Ninab’ akwaMgcwayiza oyinsimbi,

Ongahlulwa yint’ engakhulumi.

Leave a Reply

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.