AbaseMbo Bhengu Buthelezi Chamane Dlamini Dubazana Dube Gatsheni Gumede Gwala Hlengwa Imiphakathi Izibongo Izigodi Khanyile Khuzwayo Mabhida Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Myeni Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Shembe Shezi Zondi Zulu

Sesha

Izithakazelo zakwaShezi

Dlaba,
Shukulas’, Mnomiya,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!

Tags

13 thoughts on “Izithakazelo zakwaShezi”

  1. Phumzile kaMfamu Shezi
    Yini engasehlula singamaChube ukulungisa idlinza likakhokho wethu.ngiphuma kulo mhlaka 26 September 2018 .Singaze silinde uhulumeni wethu singenza iskhwama sibaningi kabi njengoba siyisizukulwane samaChube.Shezi kaZokufa.

  2. Usgananda kwakwindoda yangempela wakhithama washiya amanye amadoda ay ithina indoda eyavula inkandla ivaliwe yena owadla imhlambi yamadoda

  3. USgananda kaZokufa uzalwa umaMhlongo kanjalo noShaka wayezalwa umaMhlongo, buqala lapho ukuhlangana ubuhlobo.

Leave a Reply

Joyina mahala. Uthole konke okwenzeka kwi-Afrika mase, uthole ne-ringtone yezithakazelo zakho.