AbaseMbo Buthelezi Chamane Dlamini Dube Gumede Imiphakathi Izibongo Izigodi Langa Magwaza Majola Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Myeni Ndwandwe Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Sesha

Izithakazelo zakwaNyembe

Nyembe!

Ncamane,

Skhandisa samakhosi,

Thwala lomzimkhulu,

Mnyamande,

Mkhont’ oduma njengezulu,

Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,

Nhlangothi zimanxebanxeba,

Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,

Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,

Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’ amadoda,

Ntshivakazi engenampondo,

Bhijela wamaMbane,

Sakade kaGemane,

Gemane kaSiwela,

Nzilagazi!

Leave a Reply

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.