AbaseMbo Bhengu Buthelezi Chamane Dlamini Dubazana Dube Gatsheni Gumede Gwala Hlengwa Imiphakathi Izibongo Izigodi Khanyile Khuzwayo Mabhida Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Myeni Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Shembe Shezi Zondi Zulu

Sesha

Izithakazelo zakwaNtuli

Ntuli

Mphemba,

Wena kasompisi

Sothole,

Gudukazi uyincwayo.

Khuboni,

Mphemba ngamabele abafokazi bephemba ngezibi.

Nina base lenge,

Enabonakala ngefu lezintuli.

Kwabe kungusompisi kaguqa, kamasalela.mazimuzimu enidla’ abantu.

Mgwabini wemikhonto,

Umahlatshwa ebuhleni njengethole umagaju njengengwe.

Inhlangu eyeqa iphindaphinda.

Umanxeba angamanxulumakwasa bemhlaba ugwabini,

Waphika mphemba!lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,

Nyaka wumbelophum’ endlebeni yengwenya.

Unonjiyelwa,

Kulala uhlangothi lubomvu.

Ugodo olumuka namankayiya.

Mgwabini wemikhonto,

Langa,

Sompisi!

Tags

Leave a Reply

Joyina mahala. Uthole konke okwenzeka kwi-Afrika mase, uthole ne-ringtone yezithakazelo zakho.