isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Ntuli

Ntuli
Mphemba,
Wena kaSompisi
Sothole,
Gudukazi uyincwayo.
Khuboni,
Mphemba ngamabele abafokazi bephemba ngezibi.
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli.
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela
Mazimuzimu adla abantu.
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole, uMagaju njengengwe.
Inhlangu eyeqa iphindaphinda.
Umanxeba angamanxulumakwasa bemhlaba ugwabini,
Waphika mphemba! Ilang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbelophum’ endlebeni yengwenya.
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu.
Ugodo olumuka namankayiya.
Mgwabini wemikhonto,
Langa,
Sompisi!

Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!

2 thoughts on “Izithakazelo zakwa Ntuli”

Leave a Reply to iAfrika Cancel reply