AbaseMbo Buthelezi Gumede Gwala Imikhonto Izibongo Izigodi Langa Madlala Magwaza Malinga Manqele Masuku Mbatha Mbonani Mkhize Nene Nkwanyana Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Phakathi Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Izithakazelo zakwaNkwanyana

Nkwanyana,

Zikode!

Donda!

Makhanda!

Myekwa bethathwa

Makhanda kaNqayi

Mthayi kaNsele

Menzankosi

Wena owakha ongiyane beSilo

Nceku enhle!

Nceku yesilo uMpande

Gabadela!

Owagabadela izingwe zoNgoye

Madela imhlambi yezinkomo zabanumzane endle.

Mbeng’ osinda ‘bosi,

Mbeng’ owawela oNgoye

Wena wo-Suthu lwasenhla

Mqabula nkungu kwaNodwengu kwavel’ ilanga

Langa elaphuma oNgoye

Mangwe amahle

Mlwandle!

Zingwe eziphuza kwesijulile isiziba

Ngokukholwa wulwandle,

Mathula kuhletshwa!

Bathi ngundlebe kazizwa

Kanti uthule ngabomu

Zetshisa umbiko kaZulu

Odumise okwezulu lihlomile

Ngomlomo kaZulu ongathethi manga

Sobahle

Soshibe kaDangazela

Nzim’ elimnyama

Wena kabathikazi

Wena kathubelez’ inyang’ isemafini

Wena kanodel’ imiyalo

Buhle busezindiyeni zamehlo

Nkwanyana!

Leave a Reply