Izithakazelo zakwaNkosi

Nkosi!
Ndlangamandla!
Nkonyane yenkosi!
Wena okaMphazima kaLanga,
Wena okaMlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela.
Nina bakaLanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngendaba,
Nina bakaSoyidina odine abezizwe nabezizwana.
Mawandla kaNdlovu,
Siwela sasemaNdlovini esadla ekhaya ngokweswela abelusi
Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi
Nina bakaBheje eseNgome!

Tags
AbaseMbo Buthelezi Gumbi Gumede Gwala Izibongo Izigodi Langa Magwaza Manqele Masuku Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Ndwandwe Nene Ngcobo Ngema Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

1 thought on “Izithakazelo zakwaNkosi”

  1. Mawuthi (Nina bakaLanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngendaba) ukhuluma ngoMzilikazi kaMashobane. Futhi angeneme mawuthi (Nina bakaBheje eseNgome!) awenabe uBheje ubani wayefunani eNgome ngoba umuzi wakwaKhumalo lowo.

    Reply

Leave a Reply