AbaseMbo Bhengu Buthelezi Chamane Dlamini Dubazana Dube Gatsheni Gumede Gwala Hlengwa Imiphakathi Izibongo Izigodi Khanyile Khuzwayo Mabhida Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Myeni Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Shembe Shezi Zondi Zulu

Izithakazelo zakwaNgubane

NGUBANE
Mbovu,
Somahhashi
Nyoniyezwe
Nomafu,Myaluza,
Ngcukumane,
Zikode elimhlophe,
Matomela,
Nzombane,Ngogozabantu,
Nomasikisiki,nyon’esindwa isisila sayo,
Ndoda kaNyamazane,
KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane,
Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba,
Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka,
Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane,
Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi,
Nomaphikwane!

18 thoughts on “Izithakazelo zakwaNgubane”

  1. Wooow,,,kumane kuyakaze igazi ngemithambo yalo uma sekuthiwa”Ngcukumane kaNomafu” elami-ke ikhehla lalivame ukungibiza ngoMatomela kaNgwane.

  2. awu kwath angigiye! SIYACELA owaziyo umlando wakithi asiphe wona kukhona abathi sidabuka eSwazini. Abanye bethi siphuma ngaphansi kwesibongo sakwaNgcamu.
    siyacela Mabomvu nisisize

    • Impela mfowethu nami nginokuzwa lokho bese ngiyadideka ngoba kuthiwa thina siphuma ensizweni uMbomvu owayekaNongoma kanye nabakwaNzuza. Nokwathi ngoba uMbomvu wayemuhle kakhulu izintombi zimfuna ngapha nangapha uShaka wamkhipha amehlo khona izintimbi zizodidekA nguye. Kulapho ke kwavela khona isiko lokunquma umunwe abakaMbomvu behlonipha uMbomvu kade eseshonile ngenxa yokukhishwa amehlo inkosi uShaka

  3. Ayi mabomvu ngyathanda kakhulu ngyajabula uma kusakhona abantu abafana nam boNZOMBANE abazaziyo ukuth baphumaph

  4. abanye baqhubeka bathi;
    Mabhala Ngozipho amanye amadoda abhala ngepensili
    Nogwaja wezikhundlakhundla
    Esinye esokulala,
    Esinye ngesothamela ilanga
    Esinye Ngesokubalekela izinja
    Mgwazi kaqhaqha
    Gidli mbhede emva kwendlu KaMaNdlovu
    Zinja Ziwukhwintshile unogwaja kanti zikhwintshe umsila
    NoVanzi omuhle ngomlenze
    angazi ke lapho

    • abanye baqhubeka bathi;
      Mabhala Ngozipho amanye amadoda abhala ngepensili
      Nogwaja wezikhundlakhundla
      Esinye esokulala,
      Esinye ngesothamela ilanga
      Esinye Ngesokubalekela izinja
      Mgwazi kaqhaqha
      Gidli mbhede emva kwendlu KaMaNdlovu
      Zinja Ziwukhwintshile unogwaja kanti zikhwintshe umsila
      NoVanzi omuhle ngomlenze
      angazi ke lapho

  5. Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olabafokazana, nina abaseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi, Nomaphikwane!

Leave a Reply

Sign up for updates