Izithakazelo zakwaNene

Nene!
Sithenjwa,
Vezi,
Nqoyi,
Mngadi,
Ngema,
Madlokovu,
Wena waseNgweni,
Ntusi yenkomo,
God’ elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,
Wena waseMfule,
Sithuli saseNgweni esingasho lutho kumuntu,
Mathanga akahlangani, ahlangana uma ebona umyeni,
Mashiya amahle afana nawe nyamazane,
Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela.
Wena kaManukuza!!!

Tags
AbaseMbo Buthelezi Gumbi Gumede Gwala Izibongo Izigodi Langa Magwaza Manqele Masuku Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Ndwandwe Nene Ngcobo Ngema Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Leave a Reply