Izithakazelo zakwaNdaba

Ndaba!
Mwelase,
Mthiyane,
Mhlungu,
Madela,
Dubazane,
Longode,
Wena ongaweli ngazibuko,
Owela ngezimpambosi zomfula,
Masinga asilele,
Mididwa emnyama,
oMalobola mbiza zawo tshani
Nina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.
Wena owasemhlungwini,
Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,
Ahhhhhhh Ndabezitha!!!

Leave a Reply