AbaseMbo Buthelezi Chamane Dlamini Dube Gumede Imiphakathi Izibongo Izigodi Langa Magwaza Majola Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Myeni Ndwandwe Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Sesha

Izithakazelo zakwaMajola

Ndabezitha wakwaMacingwane,
Nina baseMaChunwini khona len’ enhla
Majol’ omkhulu
Owajol’ inkomo yakwaNobhengu
Weqa nayo phesheya koMzimkhulu
Macingwan’ owadabuka kusondibilishi
KaMamantis’ isalukazana soMsuthu
Phakade eseNgonyameni
Mchunu!
Dladlama mfokaMajola
Ntube mtakaMajola
Nontshinga
Ngqulunga!
Macingwan’ eseNgonyameni!
Gama!

10 thoughts on “Izithakazelo zakwaMajola”

  1. Yebo kumel Bengazithakazeli njengalapho usuka khona. Okumele ukwazi isibongo sakwaMajola sihlukene kabili khona oMajola abaMaZulu kube khona abaMaXhosa. Wena qhubeka nendlela yakho owazi ngayo izithakazelo zakho nje, Majola Mchunu nyanda yemkhonto ndabezitha yeyesasobiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla lembethe/de

    Reply
    • Yebo kunjalo! Iyabongeka lempendulo ngoba iyihlaba esikhonkosini – umuntu kumelwe aqhubeke nendlela yakhe azi ngayo izithakazelo zakhe. Ngithanda ukwenenezela ekutheni kungamsiza futhi umuntu ukukhuluma abuze nakwabadala bakubo mayelana nezithakazelo zakubo.Futhi-ke kungakhohlakali ukuthi isintu siyazalana, izibongo nezithakazelo kuyahlangana, yikho nje koMajola kuphinde kutholakale nabakwaMchunu. Izithakazelo zakwaMchunu esinazo kulenkundla yilezi ezitholakala lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamchunu/

      Reply
  2. Majola
    Jola
    Jolinkomo
    Mphankomo
    Mfazonebelelinye
    Wena owancelisela
    Umntwana ngalekomfula
    Mqengeba ngwanya

    Reply
  3. Mina ngibuya e kzn ngihlala cpt manje ngingu majola lento yalesibongo ilukhuni nalapha bakhona omajola kondwa abazithakazeli njengalapho ngusuka khona ithini kanti lento lalesibongo

    Reply

Leave a Reply

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.