Izithakazelo zakwaMagwaza

Njinji!
Yengwayo!
Ntshona!
Manqondo!
Mzilamncoshoba njengomlandakaza,
Juba khothama bayekhulu,
Nina bakomith’ emide,
Gidizela kaMantando,
Wena oweqa amathanga njengo thangazane,
Isicongo esinojojo,
Inqe elizwe ngamanye ukuthi kuyadliwa etoteleni,
Laphangela ekhamangeni kuhle kwenkosi yakwazulu.
Sibakhwebukhwebule kuhle kwezimbanjwana zabo.
Wena othungelwe ngamashoba kaMzilikazi
Iqhawe elathwala inkomo iphila!

AbaseMbo Buthelezi Gumbi Gumede Gwala Izibongo Izigodi Langa Magwaza Manqele Masuku Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Ndwandwe Nene Ngcobo Ngema Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Leave a Reply