Izithakazelo zakwaBhebhe

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubela onjengegundwane!
Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya!
Dlomo weNdlende,
Sihlangu samavaka seswel’ ababhem!
Makhul’emini abafokazana bekhula ebusuku!
Zingwazi zempi yakwaNdunu!
Njomane eyaduka iminyakanyaka yatholakala onyakeni wesine,
yabuye yatholakala ngowesikhombisa!
Langeni, owavela elangeni.

AbaseMbo Buthelezi Gumbi Gumede Gwala Imikhonto Izibongo Izigodi Langa Magwaza Manqele Masuku Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Ndwandwe Nene Ngema Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Leave a Reply