Izithakazelo zakwa Xulu

Makhathini,
Xabhashe,
Donda wasEnkweleni,
Khuhla phansi njenge khowandlovu,
Ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
Wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
Sonkophe,
Sombizi!

33 thoughts on “Izithakazelo zakwa Xulu”

  1. Mina ngiwakwaXulu kodwa isithakazelo sami sihlukile kunesakwaMsiyane. Ngizosibhala
    Xulu
    Makhathini
    Mnguni
    Gxabhashe
    Nonkosi mazala nkosi ngokuzala
    UnoZulu, sidangu kungebuhlalu
    Maweza ziwele, zawela iMpofane
    Zawela uThukela wohlo mathambo
    Agcwala izintaba
    Donda phuhla phansi njengekhowa
    Kheswa.
    Engifuna ukukwazi ukuthi yindlu yesingakhi kwaXulu kulesithakazelo engiqeda ukusibhala.
    Ngiyabonga.

    Reply
  2. Gxabhashe khathini nina baka sombiza.Majuba mabili elokuya nokbuya. Xulu akabongwa bongu Xulu zonu mlomo…

    Reply
    • Andile kukhona engingathanda ukukwazi kulokhu okubhale la ngenhla,0766550132 ongithinte nakuwhatsapp ngikhona

      Reply
    • Ngicela ukulungisa nje lapha. Sithi isthakazelo Makhathini. Akuyena uKhathini kodwa u Makhathini. Kujwayelekile asikwexwayi Uma kukhulunywa kuthiwe Khathini njengoba nakwa Ngema Kujwayelekile ukuthi Uma kukhulunywa kuthiwe Dlokovu kodwa isthakazelo sakhona sithi Madlokovu. Ngoba umlando ubhalwe phansi uhlala iskhathi eside ngicela siqikelele ukubhala okuyikho ukuze kungagcini sekulahleka ekusaseni. Ngyabonga.

      Reply
  3. Sanibonani ngingowakwa xulu nami ngicela ukwazi ihubo lakwa xulu ukuthi lithini kuyaphuthuma olaziyo noma ningibuzele Abantu abadala mina angisenaye umuntu omdala ekhaya

    Reply
  4. Ngibathanda ukubhubha oGxabhashe, umkhulu wayengowase Mgungundlovu, angimazi yena, ushone ngimncane, nomndeni wakubo angiwazi, kodwa ngiyafisa ukuhlangana nomndeni wakhe, okungumndeni wami.

    Reply
  5. Nginithanda Duu khabomtanami Kwa Xulu ❤️🔐….. Ngyanithanda Bo Donda Abahle sengathi uthixo anganisibekela😊

    Reply
  6. Zingena kuphi ezithi
    Inqungenqunge yakithi noMsweli noVezi emaqupha’mnyama ngoku zosela ebuso’bumnyama ngokuvuthela. Unababuyeli ba ngakhi babuyelu’muntu enza ngabomu

    Reply
    • Awu zamnandi,uSweli elinye lamaqhawe akwaXulu ayekhona eszweni sakwaXulu esabe siseMfule,kodwa ngingathanda ukuzwa kuthi ekuhlakazekeni kwabo emva kokufa kukaGxabhashe kwenzeka kanjani,nokwazi iHubo elishiwo izindlu ngokwehlukana kwazo

      Reply
  7. Please help Im A Gxabhashe from Kranskop lapho kuzalwa khona umama inkinga ngidinga ukufuniswa izihlobo zami khabomama ekranskop (Stanger) umama Ujabulile Xulu, ngingabonga kakhulu . NgingowaSestanger Ngokusebenza ngiseLadysmith elokshini Ezakheni enkantolo. ngyabonga

    Reply
    • Sawubona Zibuyile,
      Usuke wazama yini ukuzwa kwezinye izihlobo zakho eziseduze nawe ukuthi obani amagama abantu obafunayo? Mhlawumbe uma kukhona amagama omunye umuntu angaqhamuka athi uyabazi bese ekulayela lapho bekhona.Uke wazama yini ukuthintana nemizi yakwaXulu eKranskop? Ngokuvamile abantu besibongo esifanaya endaweni bayazana – mhlawumbe bangakusiza. Ungalilahli ithemba. Sengathi ungaphumelela.

      Reply
  8. Kthiwa Phuhla phansi njengeKhiwa ndlovu….not khowa ndlovu angithi umkhiwa isihlahla esasisetshenziswa oGxabhashe emlandweni ngoba baziwa ngokwelapha … Umkhiwa ke ungawbona ukhona manje kyaba uyawbona awsekho isihlahla semilingo

    Reply
  9. Dear all
    Abantu bakwa Xulu ngibathanda bonke
    Kwazise singaba Sebukhosini kodwa umthethwa wasicekela phanci buka nje
    SinamaKhosi amabili nje vo sekukhona thina manje ngeke balunge singabakhombisa siyashaya phela thins
    All the best
    Maxulu amahle

    Reply
    • BoXulu nibambe kanjalo umla wethu uthi asikho ngaphansi koshaka sasizimele sahlula ushaka ngomuthi empini sonothile .

      Reply
  10. Makhathini, Gxabhashe, Donda, Phuhla phansi okwe Khowa ndlovu, Donda wase Nkweleni, Jiba ongadliwa nyoni ezimdlayo ziyamcakafula, Nongalo, Msiyane, Madanga, Sonkophe nkophe zinde ezingalingani nezaba fokazane,

    Reply

Leave a Reply to Zibuyile Majozi (Xulu ) Cancel reply