Izithakazelo zakwa Thusi

Thusi
Mlotshwa,
Sishange,
Ndlebenkomo,
Bhulekuphangweni,
Makhanya,
Gcwabaza,
Nondlela,
Msuthu,
Ndandali,
Ntamonde,
Khambule,
Ndlandla,
Vunisa,
Zindela,
Manyoni,
Mbuyisa,
Mzilankatha,
Mshazi,
Mlambo,
Mabhedla,
Vunisa,
Inina enehla ngomzungulu niphuma empumalanga umzungulu wasala wabola, Sbumbu setshwele eligulayo,
Madla umchamo wenja
Manyosi sofakaza

25 thoughts on “Izithakazelo zakwa Thusi”

  1. Mina ngingu Thusi,ndlebenkomo,uMafulela owafulela amasela ngaphakathi komuzi,uSjingi sisanda ngaphansi sishise ngaphezulu,umkhandi wensimbi amagwala azozibalekela.

    Reply
  2. San’ bonani maThus’amahle
    San’ bonan Mlotshwa
    San’ bonan NdlebeNkomo
    Sishange.

    Yimina uMandlakayise
    uMandla ozalwa uJaphet, owahamb’eGoli wayo thath’umfaz’we lawu. Yimina uJohnny lo okhulumayo.

    Nami ngithe angi bulise ezimfeneni.

    Reply
  3. Mina ngingu Thusi, Mwelase, soMfene, Makhwaphunani, Inyoka eyakhwela emthini ingenanyawo, amathusi awela uThukela lugcwele… Ngizalwa Indoda eyashaya indlovu ngesibhakela yabuya neziswana zayo. Impande ikwamhlaba uyalingana.

    Reply
  4. Kuyezwakala kodwabbengicela ungenelele la kuThusi NoMakhanya ukuze kuqonde uMlando.

    Reply

Leave a Reply