Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo,
Wena sango elingezantsi, lapho besa khona imilomo,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
Wena kaSoqhafuza, umlung’ odla izinkobe,
Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
Wena okhishwa ngenoni emgodini,
Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
Wasuka lapho waxoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
Mboma, wena wase Nkandla!
Izithakazelo zakwa Sikhakhane
Clan names
Gumbi
Gumede
Gwala
Izibongo
Khoza
Magwaza
Malinga
Manqele
Mdunge
Mgabhi
Ncube
Nene
Nkwanyana
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Phakathi
Qwabe
Shembe
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Siyabonga mamboma amahle
Othi Mavela
Nzimase
Shoni kaNyezi
Kasomaphindikaz
Bhecwanl ngobende inyama ungayidlanga SIKHAKHANE OMKHULU
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphinde waphuma naso futhi sisavutha! Ubonile nje ukuthi kulenkundla sinazo nezincazelo eziningi zamaphupho. Nasi nje isibonela lapho umuntu ephupha ngemali, bheka lapha: https://iafrika.org/ukuphupha-ngemali-kusho-ukuthini-ngempilo-yakho/
Ngibonge mina ngingumshana ngiyaziqhenya ngokuba umbome.
Bangwayo,mshanendlu,nodela ,mkhonto
Siyabonga Mamboma. Qhubekani nokusiklezisa kogwansile.
i’ll be very if you may add some of the lines on this version of Sikhakhane’s phrase ..
Makhawula kaNaka , Mbhil’emhlophe yamakhosi, zinqe ezilingene ukuhlala, Mbhesa, Ngungwana kamanyama.
Saw’bona Jabulani. Ngethembe ukuthi uphilile. Can you tel me about the history of this clan SIKHAKHANE or refer me to a good history source and I’ll do the rest. Please