Izithakazelo zakwa Sibiya

Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!

35 thoughts on “Izithakazelo zakwa Sibiya”

  1. I have a question is everyone that’s a sibiya zulu? Coz growing up I thought I was zulu but then people told me that sibiyas are shanganes so now I’m really confused 🤞

    Reply
    • Sawubona Gumede kaNdaba. oSibiya abangamashangane ilaba ababaleka noSoshangane ngenkathi ebaleka KwaZulu. They are Zulu people, it’s just that bafike eGiyani bakhuluma olunye ulimi

      Reply
  2. Mina bengicela owazi ihubo lakwasibiya kungiphatha kabi ukuthi angilazi ngibe nginguSibiya

    Reply
  3. Ngaze ngajabula namhlanje ngokthola izithakazelo zakwaKhathi khona bengazi ukuthi uSibiya noKhathi inteyodwa

    Reply
    • Siyanibongela “Nina bakwankom’isengelwa emaweni, ingasengelw’ esibayeni akuyon’eyakhona!”

      Reply
    • Ngabe abakwa cbiya indalo yabo usuka keph nezwe ngoba abany ubezwa beth bangam thonga abanye bathi singamashangane

      Reply
  4. Wow I’m so happy n proud of being intombi yakwa Sibiya intombi enhle, vele thina oSibiya sibahle kumele siziqhenye boSotobe boh

    Reply
  5. Ngiyaziqhenya ngokuba ngowaka Sibiya onkomo zisengelwa emaweni ingaselwa esibayeni akuyona eyakhona Gumede.

    Reply
  6. I’m blessed and proud to be Sibiya for I know that we Sibiya’s we are not poor souls, very business minded and assertive….I am proud of who I am mina Sotobe……ngibuya ngenkomo!

    Reply

Leave a Reply to sibongiseni sibiya Cancel reply