Izithakazelo zakwaNzama

Wosiyane,
Gcugcwa,
Mashiza, Dingila,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Zukula kaNombhoco,
Gcugcwa kaNcameni,
Ncameni kaNozaca,
Nina baseNtendeni!

Tags
AbaseMbo Buthelezi Dube Gumbi Gumede Imiphakathi Izibongo Izigodi Langa Magwaza Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Myeni Ndwandwe Nene Ngema Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

8 thoughts on “Izithakazelo zakwaBhengu”

  1. Hello good people ngicela ongangisiza ngezithakazelo zakwa Phakathi mhlambe kuyahluka ngokuthi uqhamukaphi ,mina ngathshelwa ukuthi kuyiwa phakathi mnguni wana omabele amade and lisa mgaphesheya komfula so lesi engisithola la ku google sihlukile

    Reply
    • Siyakubongela Ngcolosi! Uyiyo inkosi.
      Ake usicobelele, uma kuthiwa: “Shongololo! Ngabe siyakudla sesabimilenzelenze. Nyawo zeshongololo kaziphumuli”
      Zisha ngani ngabantu bakwaBhengu namashongololo?

      Reply
  2. Ngiyakuthanda kakhulu ukwazi Imvelaphi yasekhaya komama kwaBhengu kanye nomlando ngokuzalana kwabantu nakhona ukusuka koJali kuza koNgwane.kanjalo kanjalo nje.Ngisemncane kodwa ngifisa ukwazi lukhulu ngomlando wakithi.

    Reply

Leave a Reply to nomvula nzama Cancel reply