Nkosi!
Ndlangamandla!
Nkonyane yenkosi!
Wena okaMphazima kaLanga,
Wena okaMlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela.
Nina bakaLanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngendaba,
Nina bakaSoyidina odine abezizwe nabezizwana.
Mawandla kaNdlovu,
Siwela sasemaNdlovini esadla ekhaya ngokweswela abelusi
Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi
Nina bakaBheje eseNgome!
Izithakazelo zakwa Nkosi
Clan names
Gumbi
Gumede
Gwala
Izibongo
Khoza
Magwaza
Malinga
Manqele
Mdunge
Mgabhi
Ncube
Nene
Nkwanyana
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Phakathi
Qwabe
Shembe
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Mawuthi (Nina bakaLanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngendaba) ukhuluma ngoMzilikazi kaMashobane. Futhi angeneme mawuthi (Nina bakaBheje eseNgome!) awenabe uBheje ubani wayefunani eNgome ngoba umuzi wakwaKhumalo lowo.
Ngokwaz kwam Siwela indodana kamzilikazi, Siwela wazal amantombazan okuylapho amanye agana kaKhumali ukqed ubuhlobo, ngingwakwa Nkosi mina