isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Nhlapho

Sgegede!
Nongombhili, ingabayinye weza nonima.
Mabulala umuntu amhleke, athi, “ngibulele okukhahlambana”.
Ndaba!
Mlambo!
Dub’ elimthende,
Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana.
Umathunzi amade okwensimi yelala.
Umagotshwa egotshiwe kwabakwaMlambo.
Wena kaMavundla,
Mbhonani!
UMwelase ngokuwela iMpofana noThukela.
Mwelase ongaweli ngezibuko, owawela ngezihlengela zomfula.
KwaNhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda.

Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!

1 thought on “Izithakazelo zakwa Nhlapho”

  1. Sanibona.. Cela kbuza Uma phupha ngathi uke growndin uyadlala uscore I goal…

    Mase uzibone usu hleli no choach wakho usu khala izinyembezi ngathi awusafun kudlala ⚽ ball manje kade sengikhala kakhul ngize ngavuka nje…. Cela sizo bandla

    Reply

Leave a Reply