Nene!
Sithenjwa!
Vezi!
Mthiyane!
Mngadi kaNgema
Madlokovu
Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile!
Igcwele izingwenya nezingonyama,
Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni!
Madlokovu sabela uyabizwa eNkonjeni.
Enye indlela yokuthakazela uNene
Nene!
Sithenjwa,
Vezi,
Nqoyi,
Mngadi,
Ngema,
Madlokovu,
Wena waseNgweni,
Ntusi yenkomo,
God’ elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,
Wena waseMfule,
Sithuli saseNgweni esingasho lutho kumuntu,
Mathanga akahlangani, ahlangana uma ebona umyeni,
Mashiya amahle afana nawe nyamazane,
Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela.
Wena kaManukuza!!!
Clan names
Gumbi
Gumede
Izibongo
Khambule
Mlaba
Mlambo
Mlotshwa
Msomi
Mthethwa
Ncube
Ndaba
Nene
Ngema
Ntombela
Nyoka
Nzama
Nzuza
Qwabe
Shembe
Ximba
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Ngicela izithakazelo zakwa Nonjola
UNdlovu no Nene kuhlanganwaphi
Angikhumbuli kuhlangana….awucacise dade wethu
Ngicela izithakazelo zakwa Nzuke
Ngicela izithakazelo zakwa mbanjwa
ngicela izithakazelo zakwa nene eziphelele
Ngicela izithakazelo zakwa nene eziphelele
Ngicela izithakazelo zakwa Nene eziphelele
Nami bakithi.ngisacela izithakazelo zakwanene ngiyacela
Ngiyacela izithakazelo zakwaNeNe
https://izithakazelo.org.za/2016/03/izithakazelo-zakwanene/