isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Ndlela

Ndlela!
Ndlela kaSompisi,
Godide!
Sothole,
Gudukazi,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhanda amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo.
Nina base Lenge,
Nina enabonakala ngefu lezintuli.
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.
Mazimuzimu enidla abantu.
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole.
Umagaju njengengwe.
Inhlangu eyeqa iphindaphinda.
Umanxeba angamanxuluma.
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.
Mphemba!
Langa elaphuma endlebeni yendlovu,
Lophuma endlebeni yengwenya.
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu.
Ugodo olumuka namankayiya.
Mgwabini wemikhonto.

Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!

Leave a Reply