Magalelagasele njengengonyama.
Hlabangane elimhlophe qwa njengamasi avutshwe ngochwebeni.
Hlangabeza owahlangabeza uMantshinga noNsele.
Nselenduna.
Nsele ngokuthwala isilo sensele.
Nselekalinda mkhonto.
Mantshing’ ongacoshi kucosha abafokazane.
Chakide kamjololo.
Mphephethi wezinduku zabafo.
Wena wesiqabethi esikhulu esidlela amakhosi.
Wena owangena emanzini nesikhuni sivutha waphuma naso sivutha futhi.
Mfolozi eMnyama,
Ekhetha abaweli, oyoyiwela uyothola isithole esimhlophe ahlabe adle.
Khondlo,
Gebisa,
Mlambo!
Izithakazelo zakwa Mtshali
Clan names
Gumbi
Gumede
Izibongo
Khambule
Mlaba
Mlambo
Mlotshwa
Msomi
Mthethwa
Ncube
Ndaba
Nene
Ngema
Ntombela
Nyoka
Nzama
Nzuza
Qwabe
Shembe
Ximba
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Ngiyalala ukubona ezinye zalezithakazelo, ngiyabonga ngifunde okusha ngezithakazelo zasekhaya.
Umbuzo enginawo yilo, kuthiwa “Mantshinga ongacoshi kucosha abafokazane” ngoba sekukaningi ngizwa kuthiwa “Mantshing’ usheleni ucoshwe zichaka”, yikuphi okuyikonakona??
Sbonge ukuzwa imvelaphi yethu
I love my clans and I’m proud of being Mtshali and it also have history but the Mtshalie’s who i am 😎
Ngizibongele ngiwu Mantshinga ngokungikhumbuza ukuthi ngizalwa obani
Kubonga mina ngokungikhumbuza imvelaphi yami
Thanx a lot it kind of being helpful.
Siyabonga sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasai lethu.