Mhlongo
Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl’ende,
Sihlangu samavaka seswel’ababhemu,
Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga,
Makhul’emini abafokazana bekhul’ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka,
Yatholakal’onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel’elangeni!
Clan names
Gumbi
Gumede
Izibongo
Khambule
Mlaba
Mlambo
Mlotshwa
Msomi
Mthethwa
Ncube
Ndaba
Nene
Ngema
Ntombela
Nyoka
Nzama
Nzuza
Qwabe
Shembe
Ximba
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Ukulala nomunwe endunu amanga its not true, those are clan names for Ngcobo
Kuzakanjani kuthiwa kunabomhlongo bamashangani ngoba sazi ukuthi
umhlongo umzulu, ake nisiccisele lopho!! noma nithi bakhulele emashanganini ayi ukuthiamashangane
exquisite website thanks for participating
kwa mhlongo!!!!!!!!!!!!!
Olusiba noMasinga kuseyibo omhlongo kuphela bagcwele emazweni angaphandle njengako Mozambique Nozincume basezansi emabhaceni bonke labo abakwamhlongo
Umhlongo othi lusiba keyena uvela kanjani cz amashangane anje ngami athi mhlongo lusiba.
Kuyafana lentfo
Ba dabuka kuphi no mhlongo
Swaziland from the Elangeni Royal House, migrated into Zulu to Hlongoza a new life, hence the name Mhlongo
Wow bafethu ngiyabonga ngolwazi olubaluleke kangaka
Why abanye bomlongo uma bathakazela bathi lusiba ungena kunjani lolusiba Ngobe angiboni ngalena