isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Mdima

Shange!
Dumakude!
Mdima!
Bhalaza,
Maqonga,
Nojobo,
Phangandawo uSbambo kuyephuka njengeNgonyama,
Dangaza, Mdunge njengesele,
Dangabane elehlula abahlakuli,
Omathanga abushelelezi angenangqwayimane,
Ubhodla bakhothe umlomo abafokazane ,
Yamela kaPhangandawo,
Omancishana kancane abanye bencishana kakhulu,
Sondlovu!
Abageza ngensipho kaPondwe.

Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!

1 thought on “Izithakazelo zakwa Mdima”

  1. Cele, Ndosi, Magaye, Dubandlela, Nkomo isengwilele. Vico obuyenensila emfuleni ngoba amanzi oniwe ngabafokazana. Mkhokheleli, Mfushane omudekazi, Zimpizonke, kaNkisimane, Thulani.

    Reply

Leave a Reply