Malinga, Mcusi wendlunkulu, lodla acakatsise abeke phansi kwenkhaba, ngedlulisa phansi kwenkhaba wafuta ekhabonyoko.
Malinga, nongombili, wena waMhlongamvula ne Thukela, wena wehla kwendlela.
Malinga, gumakhulu, lelebo boMlotjwa, nina bombuzi sadla eceleni sidinga belusi, mnyambo loluhlaza lonjengencoshane, KaMalinga akuvalwa ngemivalo kuvalwa ngemakhandza emadvodza
Malinga,zizi zikode kamzamo wena kamhlawendlovu wena wenqaba yenkosi. Wena kaswela Zitha. Umalinga owalinga izintaba zendelana ngoba kwendelana ihlobana nezungezi.
Malinga, Zindela sigudu, Mcokama Malinga, Mlotshwa kaGumakhulu KaZindela Maling’ owaling’ ukuyihlomis’ ebusuku nzalo kaMaGidela omnyama ngentamo owazil’ inkatha bemthezelile waling’ ukubulala waling’ isihlalo sobukhosi bakwaMzizi balingeka bakunika nina enabakasiGudu enagud’ inkomo ingenankonyane Mcokama zinyawo zimhlophe
Malinga, Nungunde, Mdladla, Njokweni. Ndlovu ezidla ekhaya ngokuswela umelusi. U-Nomsingilili, u-Mbuzambuza, sandla singobende asinathi nkobe sinatha embilini wezinyamazane. Ndledlana njengomgqiwo balizumukile bavimbe ngalo emazibukweni. Ndabambi amaLala inqaba yamakhosi!
Izithakazelo zakwa Malinga
AbaseMbo
Buthelezi
Clan names
Gumbi
Gumede
Gwala
Izibongo
Langa
Madlala
Magwaza
Malinga
Manqele
Mkhize
Ncube
Nene
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Qwabe
Shembe
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Mna ndazi kanje Ndumo Malinga balinga impi baliwela ithukela bathi xa bebuya badlala oomadlala bedlala begoduka ombambo omalinga iziphalaza ezina mehlo amahle akhany’emanzini ozindela omkhandezi
Malinga arrived at Harrismith Malinga u msukulu ka tabane lebala le lauwe maoba le ngata tshepe ipata malinga waka indlovu sidle nahana ngo swela belusi makhanda intshimbi e banda
Mtwana ka Bech zindela umhle wa zindela wa yehla ngo mhla ka mvula ngo thukela
Umcusi wendlunkulu ka magidela u umyama nje ka ntambo
U malinga ndumo mkhandise ngemane umfazi una mabele a made wa nqelisa mtwana nga phela ngo mvula
Plz guys help with malinga mtungwa mhlabe ntonga ilambile wena wase gidi Nkomo wena wase mlanjanini wena olinga umfula ngo kukhupuka
Bakwethu .. ngcela esithi Malinga kodwa sifake o Thanjekwayo o masiba kamazibekela.
Zonke izithakazelo ezila cishe zonke angizazi kepha kowasekhaya uZindela sibiza oNtobela , oPhosho no Mathanda k’bukwa , nginokudideka
Pls help me im finding deferent types of isithakazelo sakwa malinga n i dont know were i stand
All I know is Malinga, vumisa, ndlovesidlekhaya ngokweswela umelusi
Your assistance would be n honour
Malinga mvelase Magidela Mashay’ntsimbi gumakhulu citsha mkhonto ogudla indlu kaZindela owavela enyandeni ugada ihalala lamantungwa
pls help with full malinga sitsakaselo,malinga nongombili.
Ngiyabona ukuthi usuzifundile izithakazelo zakwaMalinga – ubonile nje ukuthi ziyahlangana nezakwaNdlovu, o”Ndlovu ezidla ekhaya ngokuswela umelusi”? Nalu ulwazi esinalo ngezithakazelo zakwaNdlovu: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwandlovu/
Malinga Nongombili,msimbikati, wena sothukela nina dlan’mfhe mina ngizodl’gumb’ malunga aphelile ngokwephulelana nina nsundu mehl’amnyama njengenyamazane
Nishiye laboMalinga Malinga Hlanguza Mdladla Thumbela othumbeleza ulwandle olungawelwa oluwelwa zinkonjane ngoba zona ziphapha phezulu Amazilankatha ingodla mkhonto owakhokha isiyema udlukula dledle…Thumbela
Siyabonga Thokozile ngokusicobelela kwakho, qhubeka njalo!
Thumbela!!
Yebo dadewethu, labo ke oNgqokazi, oHlabana bemgqiba eNtunjane bethi ufile Kanti akafile.oPhepheletsheni, oThumbela kangwane, oMdlada, Hlanguza!
Help me with izithakazelo zakwa mavimbela
I wants to know MAVIMBELA izithakazelo
Any one who can help me with izithakazelo zakwa mavimbela