Makhaye!
Mdeke,
Shombela,
Mangcingcingci,
Nyawokhulu ngokwesindwa zinyawo,
Magema gema wendoda,
Mathabathela izimbiza zikaNdaba, Ndaba kaThabisa masindwa izitho,
IZulu eladumenkundleni lathatha umugwa lathatha umtholwa,
Nina eningashaywa izulu, Zulu kaDeke, Nina bakaphacha phezu kotho,
Nkungwana ezithe cwalala phezu kwentonga,
Kwadlula ethwele kwadlula engathwele,
Mavungula ngomkhonto abafokazana bevungula ngothi,
Mthonjana kawushi,owehlula izingwe nezingonyama ziwuphuza kodwa ungashi,
Mthonjana kawushi ngokwehlula izindlovu ziwuphuza kepha kungabonakali nokuthi zenzani.
Mthonjana kawushi ngokwahlula izindlovu ziwukha ngemibokokazi yazo ziwusaphaza , ziwukhafulela nganeno nangaphesheya kepha kubeyize khona lokho.
Mthonjana kawushi ngokwehlula izindlovu seziphetha ngokuwukha ngemiboko yazo zigeza ngawo wona kube uma ugobhoza ngamakhulu amawala.
Nina enachoboza umhlanga ngameva kwavelindlela,
Nina bakwaGilwelihle elifuze elehlokohloko,
Nina baKwanomasikisiki inyoni esindwa yisisila sayo okwempigogo.
Izithakazelo zakwa Makhaye
Clan names
Gumbi
Gumede
Izibongo
Khambule
Mlaba
Mlambo
Mlotshwa
Msomi
Mthethwa
Ncube
Ndaba
Nene
Ngema
Ntombela
Nyoka
Nzama
Nzuza
Qwabe
Shembe
Ximba
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!