Izithakazelo zakwa Madlala

Madlala!
Bhengu,
Mpumuza,
Umsengana omncane,
Kophela amabele sidle inyama,
Abadondolozela ngozipho kwabasesiNyameni,
Abakwanzipho zinde ngokucwebana,
AbaseMkhomazi abaphuma oPhatheni;
AbakwaSothulase.
Abakwambabala eyagweba igijima,
Ukuba ayigwebanga ngabe asikho
EsiPhahleni sakwaLokothwayo.
Abakwasithole asisengwa ngabezizwe,
Sisengwa ngabasekhaya;
Abakwamadlala ngendlovu
Zonke izizwe zingakwazi ukudlala ngendlovu.

41 thoughts on “Izithakazelo zakwa Madlala”

  1. Ngyakhuleka kunina basebukhosini bakithi kwaMadlala. Igama uTholah Madlala ngidabuka ngalhansi kwenkosi uNgamzizwe Madlala owangena emva kokukhothama kwenkosi uNyoniyezwe Madlala
    Sikhona ke isizwe sakithi eMzumbe ngalhansi kukamaspala waseSayidi(Port Shep stone). Umlando ukhona mningi nengifisayo nje kesivule ipage lethu or inkundla esizokhulisana kuyo nabantwana bethu bazi imvelaphi yabo.

    Ngyabona isizwe sethu siyehlukana ngenxa yokweswela ulwazi ngakho ngothi “Mazibuyele emasisweni”

    Ngiyinkosazana yakwaMadlala Sozabe Mcikili oSomagodla abagodla ingwe nengonyaaaama🙌

    Reply
  2. Sibusiso Madlala( oMadlala bakwa hhaza PMB nase Mngwenya estcort)

    Madlala
    Bhengu
    Nyathi Yesgenge
    Khabaldaka
    Gengeshe
    Abafaz bagengeleza esangweni kwaze kwasa amadhodha engalele

    Reply
  3. Ncamisile Madlala oqhamuka emnambithi

    Mna ngazi ukuthi kwakukhona inkosi uMadlala yathola amadodana okuwu Sishi no Mphephethe. Wathi angakhothama uMadlala uSishi n Mphephethe base bebanga ubukhosi ingakho base behlukana phakathi, ingakho ke sino Mphephethe n Sishi nje mesithakazela mna ngithakazela knje;
    Mphephethe
    Nina enahlaba udadewabo
    Nithi akanamhlwehlwe
    Kanti unomhlwehlwe bhabhakadi
    Nina anahlabana ngotji
    Umkhonto usuwile
    Nina enabakashwaphana bukhona ubunzima
    Maphephethe nibiziwe ebulonjaneni
    Nathi imizi iyagegwa
    Nina enakoMngayi no Maphalala
    Mlipha!!!

    Reply
  4. Monwabisi Madlala,
    Mina ngu Sishi, Sdlobeni khabal’daka, Amahlokohlo amnyama adla Amasimu endoda Ayililela thina abakwa Manxele

    Reply
  5. Madlala, Mlipha, Mphephethe,shawushawu, (mkhono ubovu). Wena wase Ngidi Name Ngwavuma. Ukhokho Lana wuNgongodo..(wayeshade nomlungu ubabakho) Laba bafaka Umzilikazi kamashobane, ngoba kuthiwa babaleka kwaZulu bahamba nebutho likaMzilikazi,

    Bese bayela eMpumalanga lapho bafikile kwaVilakazi(yiko nabo see Phephetha).

    Thina ikhaya lomkhulu lise Gwane eMpumalanga (between Standerton and Magasoni)

    Reply
  6. Siphamandla Madlala eNqutu

    Mina engizaziyo izithakazelo zithi:

    Sishi
    Vezi, kayiKhali, Sandindi, Khabalidaka

    Amahlokohloko adla insimu yendonda ayililela
    Amalanda amhlophe

    Reply
  7. Busi no Nelly (Ngithakazela Njengani)

    Madlala
    Mphephethe
    Mlipha

    Nina baseNgede ne Ngwavuma

    Nina enajezisa umntaka’dadewenu
    Nathi akanamhlehlo, kanti
    Umhlehlo ulibhabhakazi

    Nina enaphephetha impi yase Mhlangavula
    Amadoda abuya endleleni athi
    UMhlangavula udilikile kanti
    Anamanga asaba ukuya empini

    Nina betshebulo ebabayo
    Nina enatshebula amafu namasibalo phezulu

    (Kulokhu lapha phezulu abanye obaba bathi)

    Wena Sende lezitha
    Sende lokukhalipha

    Mphephethe
    Mphephethe
    Mphephethe

    Reply
  8. Madlala,
    Mphephethe wase Ngede ne Ngwavuma, wena owadla umka dadewenu
    wathi akanamhlehlo kanti
    umhlehlo ulibhabhakazi,
    sende lezitha sende lokukhalipha,
    Mlipha,
    Wabizwa eMabinzeni………kwesikamNgayi obiyela ngamakhanda amadoda

    Abanye baqhubeka bathi (this has the same meaning as above)

    Wena wentshebula
    Intshebulo ebabayo
    Wena Owema engcekeni lendoda
    Amathanga agcalingana

    Reply
  9. Bheki Madlala ( Empendle)

    Ulwazi lwami ngabakwa Madlala ukuthi sizalwa ikhehla Igama lakhe kwakungu Nongane waye nama khosikazi angu 13
    ngatshelwa ukuthi langcwatshelwa e Curry Post (Howick),
    Now ingakho ubona izithakazelo zingefani abanye bagcina sebengama Pedí Baba ngo Matlala. its a Long history.
    Sonke Singabakwa Madlala.

    Reply
    • Bhuti Bheki ushyile lapho sishi kumele sazi ukusuka kuNongane kuya phezulu kuMadlala

      Reply
      • Kuyiqiniso okushiwoyo, uBhuti Bheki ngabe usizile uma enaba ngoba kuyabonakala ukuthi uyalwazi loludaba. Vele kwesinye isikhathi izithakazelo zihamba zishiyane. Ulwazi lukaNongane owaye namakhosikazi awu-13 sengathi lungasiza abaningi- impela baningi abangasizakala uma kunganenezelwa olwazini lukaNongane owangcwatshelwa e-Howick.Nalomkhakha wamaPedi – oMatlala – kunganokondisa ukutholwa ulwazi olwengeziwe.

        Reply
      • Bhuty bheki uyibeke kahle as kwaba nokuhlukana umlando sangawuthola ekuqaleni sobanethakazelo engafani suMadlala nje ophelele ngesimo sokuthi abanye mebesitshela bakha phezulu kuzoba nokungafani kwezithakazelo

        Reply
    • Yebo liqinisile leliKhabaldaka mina inkaba Yami ikhona impela e Currys Post nami ngingoka Nongane.
      Madlala
      Sishi
      Dlobeni
      Khabaldaka
      Hlokohloko
      Sozaba
      Gwegwana
      Thina esadla insimu beyililela….

      Reply
    • Sawubona boet wami buthi Bheki Madlala,wena owasekhaya impela ngoba nami Uma ngizwa umlando wami njengoba ngiwu Vusumuzi Madlala ngowase Mpendle eBhulwa,cela usize usithakazele ngokuphelele thina abase Mpendle e Bhulwa, ngiyabonga boet wami

      Reply
  10. angimuboni uMadlala mphehethe
    wena wasengede enengovuma
    owajeza umkadadewabo wathi akanamhlahlo
    kanti umhlahlo ulibhabha kazi …………

    Reply
  11. mina ngyabazi no SISHI bt mina ngthakazela ngithi MADLALA, GCWABAZA , MAKHANYA , OMFENE , ABAHLEKISA ABANTU BENGAHLEKI………….

    Reply
    • Thina sithi madlala sishi hlokohloko,khabal’daka,sozabe sinqa esincane made kuba nehlamba ….angazi noma khona yini ozaziyo lezo

      Reply
      • Kubonakala sengathi uyazazi impela, baningi abangasizakala uma ungacobelela ngolwazi olwengeziwe lwezithakazelo zakwaMadlala, lezo wena ozaziyo.

        Reply
  12. MADLALA ,SOZABE ,MCIKILI ,SOMAGODLA INGWE NENGONYAMA ,SCUBI KASIPHEKWA MASIBUYA EMZINI , S’BIYA NGAMATHUMA ,ABANYE BEBIYA NGAMAHLAHLA ……. UBUKHOSI BAKWA MADLALA ….. BUSEKHONA E PORTSHESTONE EMZUMBE

    Reply
    • Enter your comment here…ngyajabula ukuzwa lokho engfsa ukukwaz ngb omadlala bebangaka kishukut umendo syowthola kbona ngb phela abangathakazel ngendlela yethu

      Reply
  13. oMADLALA abaqhamuka ezansi nezwe ,lapho kusabusa khona uBUKHOSI BAKWA MADLALA … PORTSHESTONE EMZUMBE , izithakazelo MADLALA , SOZABE , MCIKILI ,SOMAGODLA OWAGODLA INGWE NENGONYAMA , S’BIYA NGAMATHUMA ,ABANYE BEBIYA NGAMAHLAHLA, SCUBI KASIPHEKWA MASIBUYA EMZINI

    Reply
    • Mna Ndingu Madla emaXhoseni

      Madlala
      Ngwane
      Hlongwane
      Phephetha
      Ndaba
      Onduku zinobulongwe inkonjane ziwela umlambo uzele Kuba zibhabha phezulu

      Reply
  14. Thina siwo Madlala abavela e Free State uthin umlando ngoba kukhon izithakazelo ezivela zibe oMphephethwa Songidi uthin umlando lapho

    Reply
    • Madlala,Mlipha,Mphephetho,Osengedo neNgovuma,owadla umka dadewabo wathi akananyongo,wathi akanamhlehlo,umhlehlo isibhabhakadane.

      Reply
  15. Besicela izithakazelo zaMadlala esesiyizwe ezindaweni ngokuhlukana kwazo. Isibonelo. OMadlala baseMzumbe abathakazelwa njengoMadlala abaseMsinga Nkandla Ulundi burg njalonjalo. Kodwa bayavumelana ngezinye izithakazelo.

    Reply
    • Ngiyacela ukwazi izithakazelo kanye nomlando woMadlala abadabuka eMooiriver kanye nase Estcourt.

      Reply

Leave a Reply