Sothole,
S’tshopo othi udl’ inkomo kanti udl’ impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl’ isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!
Clan names
Gumbi
Gumede
Izibongo
Khambule
Mlaba
Mlambo
Mlotshwa
Msomi
Mthethwa
Ncube
Ndaba
Nene
Ngema
Ntombela
Nyoka
Nzama
Nzuza
Qwabe
Shembe
Ximba
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
MINA NGAZI UKHANYILE NGWANE MABHUQA SGQOZA ESIMLOMOBOVU MPANGELA NQOBO OMTHWLO UNGETHWALA NINA ENADLA IGAZI LABAFOKAZANA
Hayi iyadida ke nami le ……ndwadwe…min ngth mangizibiza khanyile ungwane usogodi unzimase kalanga…
Bahlobene na abakwaKhanyile nabakwaMasuku?
Kuyabonakala ukuthi usuzibonile izithakazelo zakwaKhanyile. Manje usufuna ukwazi ukuthi bahlobene yini abakwaKhanyile nabakwaMasuku – qhathanisa-ke, nalu ulwazi esinalo ngezithakazelo zakwaMasuku: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamasuku/
Mhlampe lokhu konisiza boNgwane. ” Yini Izithakazelo?
Izithakazelo ziyigugu nendlela lokuzigqaja kulowo osuke ebizwa ngolibo lwamaqhawe akubo. Ngisho kungathiwa umuntu usethukuthele wagana unwabu, uma uke wambiza ngesithakazelo samhlaba siye siyithunge maphakathi inhliziyo uzibone izihlathi zivakashela izindlebe. Zonke izizwe zabeNguni zinezibongo. Izibongo lezo zihambisana nezithakazelo. Izithakazelo zehluka ngokuthi zona zihambisana nesibongo sabantu abanenkaba yozalo. Izithakazelo lezi zisuselwa emagameni nasezibongweni zokhokho besibongo esithile. Uma umuntu ethakazela uyaye aqale kokhokho, kokunye athinte nomlando walowo esuka emthakazela. Empeleni isithakazelo yigama likakhokho othile ohlotsheni lolo. Lokho kwenza ukuba isithakazelo sifane nesibongo. Phela isibongo naso igama lomuntu, kwesinye isikhathi isithakazelo noma isibongo siqhamuka ngesenzo esithizeni. “
Cha, mina ngazi ooKhanyile ,Ngwane, Bhabha, Nduvane, Fukuza, Cholo, Mabhuqa, Mthiyane. Lezezinye ai angizazi
kanti okhanyile bahlukene kangaki ngoba Mina ngaz.Ngwane mthiyane nqobo, sogodi
Nami ngiyafisa ukwazi ngoNqobo kt ungena kanjni ngoba ekhaya siyamubiza kanti abanye oKhanyile abamazi nokumazi
Cha nami angimazi nondwandwe futhi ayi ngeke
Iyadida ngempela eyokhanyile ngoba nosangweni bathi abakithi nohlongwane
Mina ngazi ukuthi uNdwandwe uhlobene noNxumalo. Bathi mabezithakazela bethi “Zwide kaLanga” angazi ke ukuthi basuke besho muphi uLanga noma basuke besho yena lona wakithi.