Sothole,
S’tshopo othi udl’ inkomo kanti udl’ impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl’ isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!
Izithakazelo zakwa Khanyile
AbaseMbo
Buthelezi
Clan names
Gumbi
Gumede
Gwala
Izibongo
Langa
Madlala
Magwaza
Malinga
Manqele
Mkhize
Ncube
Nene
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Qwabe
Shembe
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Hayi iyadida ke nami le ……ndwadwe…min ngth mangizibiza khanyile ungwane usogodi unzimase kalanga…
Bahlobene na abakwaKhanyile nabakwaMasuku?
Kuyabonakala ukuthi usuzibonile izithakazelo zakwaKhanyile. Manje usufuna ukwazi ukuthi bahlobene yini abakwaKhanyile nabakwaMasuku – qhathanisa-ke, nalu ulwazi esinalo ngezithakazelo zakwaMasuku: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamasuku/
Mhlampe lokhu konisiza boNgwane. ” Yini Izithakazelo?
Izithakazelo ziyigugu nendlela lokuzigqaja kulowo osuke ebizwa ngolibo lwamaqhawe akubo. Ngisho kungathiwa umuntu usethukuthele wagana unwabu, uma uke wambiza ngesithakazelo samhlaba siye siyithunge maphakathi inhliziyo uzibone izihlathi zivakashela izindlebe. Zonke izizwe zabeNguni zinezibongo. Izibongo lezo zihambisana nezithakazelo. Izithakazelo zehluka ngokuthi zona zihambisana nesibongo sabantu abanenkaba yozalo. Izithakazelo lezi zisuselwa emagameni nasezibongweni zokhokho besibongo esithile. Uma umuntu ethakazela uyaye aqale kokhokho, kokunye athinte nomlando walowo esuka emthakazela. Empeleni isithakazelo yigama likakhokho othile ohlotsheni lolo. Lokho kwenza ukuba isithakazelo sifane nesibongo. Phela isibongo naso igama lomuntu, kwesinye isikhathi isithakazelo noma isibongo siqhamuka ngesenzo esithizeni. “
Cha, mina ngazi ooKhanyile ,Ngwane, Bhabha, Nduvane, Fukuza, Cholo, Mabhuqa, Mthiyane. Lezezinye ai angizazi
kanti okhanyile bahlukene kangaki ngoba Mina ngaz.Ngwane mthiyane nqobo, sogodi
Nami ngiyafisa ukwazi ngoNqobo kt ungena kanjni ngoba ekhaya siyamubiza kanti abanye oKhanyile abamazi nokumazi
Cha nami angimazi nondwandwe futhi ayi ngeke
Iyadida ngempela eyokhanyile ngoba nosangweni bathi abakithi nohlongwane
Mina ngazi ukuthi uNdwandwe uhlobene noNxumalo. Bathi mabezithakazela bethi “Zwide kaLanga” angazi ke ukuthi basuke besho muphi uLanga noma basuke besho yena lona wakithi.