Vilakazi,
Ndimande,
Mdluli,
Gwala,
Mphephethe,
Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle,
Myeka khamangwa,
Majiya Ngwekazi Nkondlwana,
Mdlovu omatubutubu,
Umhlwehlwe odume njengoZulu,
Mancama ngenhlunu.
Lugwashu,
Matshinga waseMaphephetheni,
Sihlase Binda,
Binda!
Mphephethwa,
Wena kaGama,
Mantshinga waseMaphephetheni,
Owagwaz’ ate ame ngeklwa,
UNgwevu noNgwavuma,
Nina baseNgwedze neNgwavuma,
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo,
Wathi akananyongo,
Wathi akanamehlo,
Umhlehlo sibhakakazane,
Malinga!
Bamchatha ngohlanga bethi akafe,
Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!
Gcuma omuhle esiphongo!
Gcuma omuhle emehlweni!
Gcuma omuhle nangaphasi konyawo!
Izithakazelo zakwa Gwala
Clan names
Gumbi
Gumede
Gwala
Izibongo
Khoza
Magwaza
Malinga
Manqele
Mdunge
Mgabhi
Ncube
Nene
Nkwanyana
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Phakathi
Qwabe
Shembe
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
Not Ndimande but Nzimande
Cofa lapha ukuthola impendulo Izithakazelo zakwa Nzimande