isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Gumbi

Skhende,
Jele,
Ntini,
Ngubo yengwe.
Somkhanda, wena owakhanda amadoda,
Wena kaMathumb’ ayiphanyeke,
Ntongande, Mdakane,
Mehl’enkomo, Ntini,
Nozingelayo,
Ndandali,
Wena kaNgoni,
Mlotshwa!
Ndandayi
Mehlwenkomo!
Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi!
Siguguda senyathi!
Wena kaKhokhozela njengeQhinakazi!
Msimbithi kawuwelwa!

Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!

Leave a Reply