Chili!
Mthuli,
Mnguni!
Qwabe kaNozidiya,
Khuzwayo! Mlamlankunzi
Ungaziyeka zibulalane
Mthatathu kaGumede,
Nin’ enigovuzela umuntu ngehemu lakhe.
Isigogo esisind’ abatshathi.
Donga olulal’ amankentshane
Nina bas’ Ongoye.
Mbuse, Malinda
Lushaba lwenkosi
Ntseka
Wena owashaya insimbi ngomlenze.
Mgcwalisi wethusi,
Kholose, Ngwenya
Madlangalusuku abafokazana abadla nsukwana zonkana
Nin’ enakhahlel’ udonga kwavuleka indlela.
Nin’ enehla ngesilulu maqede kwavel’ ilanga
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!
Izithakazelo zakwa Chili
Clan names
Gumbi
Gumede
Gwala
Izibongo
Khoza
Magwaza
Malinga
Manqele
Mdunge
Mgabhi
Ncube
Nene
Nkwanyana
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Phakathi
Qwabe
Shembe
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!
confident article thanks the liking
Ngyabonga kakhulu
Izithakazelo ngiyazithanda kakhulu. Zifundisa ngemvelaphi yabantu .