Izithakazelo zakwa Bhebhe

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubela onjengegundwane!
Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya!
Dlomo weNdlende,
Sihlangu samavaka seswel’ ababhem!
Makhul’emini abafokazana bekhula ebusuku!
Zingwazi zempi yakwaNdunu!
Njomane eyaduka iminyakanyaka yatholakala onyakeni wesine,
yabuye yatholakala ngowesikhombisa!
Langeni, owavela elangeni.

Leave a Reply