Izisho eziyingxube

Lezi zisho ziyigxube, zifaka lonke uhlobo lwezisho ezingamagama azifani nalezo ezihlukaniseke ngamagama noma ngeziqu zamagama.

Izisho nezincazelo

  • Ukufinya ngolimi njengenkomo – Ukwesela kakhulu.
  • Ukudla udaka – Ukuhlupheka. Kufana nokuthi: “Ukugxaza amanzi njengencuba”
  • Ukuhloba kobisi – Ukuvuthwa kobisi.
  • Ukuhudula izikhumba – Ukuhona.
  • Ukunyathela ngabantwana – Ukuba nezitho ezinhle.
  • Ukushisela uphondo – Ukususa uthuthuva noma umsindo.
  • Ukuba mtshingo ubethwa ngubani – Ukuba intantindili.
  • Undingasithebeni – Umuntu ongenayo indawo yokuhlala.
  • Ukuzalela phansi – Ukushonelwa abantwana.
  • Ukuba nenhliziyo engaphandle – Ukuhaha noma ukufinya ukudla noma ukuba nayo yonke into oyibonayo.
  • Ukudukuza oswini -Ukudideka.
  • Ukugubhazela uthotholwane – Ukujabula kakhulu.
  • Isizungu sibulala inkonyane – Ukuba nesizungu kakhulu.
  • Ukushaya indiva – Ukunganaki.
  • Ukuwotha umbovu – Ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele.
  • Okushaya amanzi – Kusuke kukhona okungahambi kahle, bese kuthiwa kukhona okushaya amanzi.
  • Ukubulala inyoka – Abantu abaningi.
  • Ukuchitha kwenkabi – Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
  • Ukucupha uchuku – Ukwedelela abantu.
  • Ukuhlaba usentu – Ukuqhwitha umhlabathi.
  • Ukuhlinzela ezibini – Ukuthi umuntu esehlulekile uqhubeke umenzele phansi.
  • Ukukhwela phezu kwendlu njengenja – Ukwedelela abadala
  • Ukumisa amanhlakomuzi – Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.
  • Ukwenza izaba – Usuke usuzama nje kukhona osekwenziwe kwehluleka.
  • Ukuqhuba intwala ngewisa – Ukwedelela okwendlulele.
  • Ukweqa izinyawo zenkosi – Ukwenza izinto ezingakufanele.
  • Ukuba yinyoka – Ukuba nobuqili obufihlakele.
  • Ukuthwala ilunda – Ukuzazi.
  • Ukubukana ngeziqu zamehlo – Ukungezwani/Ukuxabana.
  • Ukufaka umunwe esweni – Ukwenza into umuntu angayithandi, ukuchukuluza umuntu.
  • Ukulandela amabheka – Ukufuza ekhakonina.
  • Ukuncelisa amawele – Ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa.
  • Ukuzizala – Ukuzala umntwana ofana nawe noma ukuzisiza.
  • Ukubamba isisila sehobhe – Ukuthembela entweni engenampumelelo.
  • Ukubeka inkunzi – Ukukhetha umuntu ozoba ngumholi wakusasa.
  • Ukubuya nempande yesikhova – Ukuba neshwa.
  • Ukuchunywa imfuyo – Ukwandelwa imfuyo.
  • Ukudla ubhedu – Ukuba ingqwele.
  • Uhlanga luwe ngendlela – Ukwenzeka kwento ebivele ihlosiwe .
  • Ukubhonga emswaneni – Ukuyokhala ngemuva kokuba kukhona osendlulile emhlabeni.
  • Ukubonga ungcongcoze – Ukubonga kakhulu.
  • Ukuphonsa kwenkunzi – Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.
  • Ukusenga ezimithi – Ukukhuluma amanga.
  • Ukusongela inkomo ingakahlatshwa – Ukukhuluma sengathi into seyenzekile.
  • Ukubuya inhlazane – Ukubuya kwezinkomo emini zizosengwa.
  • Ukukhipha inhlazane – Ukuvulela izinkomo emini yase kuseni.
  • Ukuphuma amathambo – Ukukhumuka kwamazinyo obungane.
  • Ukuqhuma abathakathi – Ukuvela kwamazinyo enganeni Ukuqhumisa kwengane
  • Ukuba yinkomo edla yodwa – Ukungabi nabantu osondelene nabo. 
  • Uma kuthiwa umuntu uyinkomo kwezemidlalo – usuke ungakwazi ukudlala ibhola.
  • Ukuhlala phezu kwezikhali – Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka.
  • Ukulala ngenkomo – Ukuzivikela noma ukuvilapha.
  • Ukulala ngophondo – Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.
  • Ukuma ngenkomo – Uma umuntu ethi usemi ngenkomo usuke esho ukuthi usekulungele lokho okusuke kufanele kwenzeke.
  • Ukudla impundu – Ukuba umuntu okhohlwayo.
  • Ukuncelisa umbele ofile – Ukukhohlisa.
  • Ithuna lendoda lisendleleni – Ukungazi ukuthi uzofela kuphi.
  • Ukugaqela eziko njengengane – Ukuzisondeza engozi.
  • Ukujikela eshobeni – Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.
  • Ukuzichoma kumalunda – Ukuzifaka enkingeni.
  • Akulahlwa mbeleko ngakufelwa – Ukungaphelwa.
  • Ukufaka kwenkomo – Ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
  • Ukugodla ubisi – Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
  • Ukuguda inkomo – Ukusenga inkomo engasenankonyane.
  • Ukuhlukanisa  inhloko nesixhanti – Ukwenaba uchaze into ethile ngendlela ezwakalayo nenelisayo.
  • Ukuhlamba imikhonto – Ukuhlaba izinkomo ngemuva kwempi.
  • Ukukhiphela inkonyane – Ukukhipha inkonyane enkomeni efile . Kuyenziwa uma inkomo ihluleka ukuzalela.

5 thoughts on “Izisho eziyingxube”

  1. Somebody essentially help to make significantly articles Id state This is the first time I frequented your web page and up to now I surprised with the research you made to make this actual post incredible Fantastic job

    Reply

Leave a Reply