Isithebe

Isithebe noma ugqoko yinto yokudlela inyama uma kunezinto zesintu ezenziwayo; okuhlanganisa imicimbi, imigubho noma uma kubuswa nje kuhlatshiwe. Isithebe ngokwasemandula sakhiwa ngesihlahla, umbazi waso ukha isiqu sesihlahla asibaze kahle isithebe. Ukuba wumbazi wezingqoko akulula neze, akusiyona into engenziwa yinoma wubani, yingakho nje nenani lezithebe kumbe izingqoko limba eqolo lapho zithengwa. Izingqoko ke lezi noma izithebe zinomthetho wazo uma kuphakwa noma kudliwa, yilokho  okuyikhona esizokudingida kahle kulengosi yomthombo wolwazi ngezinto zesintu ezingamagugu kithi. Kuthina ke sizwe SikaPhunga noMageba yonke into ihambisana nenhlonipho, nangezigaba zempilo. Inhlonipho yaziswa ngampela futhi iyisisekelo sempilo KwaZulu ingakho ke ngisho nesithebe siyahlonishwa. Ukuhlonishwa kwesithebe akusho ukuhlonipha sona siqu kodwa kusho ukuhlonipha labo abasisebenzisayo. Ukusetshenziswa kwesithebe kuhambelana nezigaba zempilo yomuntu kubantu besilisa kanye nabo abesimame. Kukhona ngisho isisho esiqondene nayo indaba yesithebe lapho kuthiwa “ukusala zabiwa”. Yisona lesisisho esizoqala ngaso ukwembula isinene emfaneni sibhunga indaba yesithebe.

UMsalazabiwa uyasala lapho kwabiwa izithebe

Njengoba kunezigaba nje zokukhula empilweni, lokho kusho ukuthi kunemithetho ehambisana nakho ukukhulu ikakhulukazi kubantu besimame ehambisana kakhulu nokuziphatha. Phela kuyimfihlo eyaziwa yizwe lonke ukuthi ayikho into ehlonishwa njengobuntombi entombazaneni, ikukhulukazi kithina sizwe sikaZulu njengoba kukhona ngisho umkhosi womhlanga nje, okufakazela khona njalo ubugugu nokuzigqaja kwethu okuhambisana nobuntombi. Lena yobuntombi nesithebe ihlangana lapho umuntu wesimame osoniwe noma oselahlekelwe wubuntombi bakhe engasavumelekile ukudla nezintombi nto esithebeni esisodwa. Noma ke sithi emandulo bekungavumelekile lokho, kodwa namhlanje sekuyenziwa njengoba abantu sebakhohlwa ngamanye amasiko kanti ke abanye bengasawagcini kwakhona, sebewahlangulukile ngokuphelele. UMsalazabiwa ngumuntu wesifazane ongasangeni ebuthweni lezintombi ngenxa yokuzalela ekhaya futhi ongakwazi ukungena komakoti ngoba usuke engaganile. Uma kwabiwa izithebe zenyama ekhaya kuyaye kube khona esezintombi, kube khona esomama/amakhosikazi, kube khona esezalukazi, kube khona nesezinsizwa nesobaba. Manje ke intombi esithole umlanjwana ekhaya ayisadli esithebeni sezintombi nto, ayisatholi neqatha. Iyasala lapho kwabiwa izithebe zenyama ngoba asikho isithebe sama-Velelwangozi, yingakho ke lowo ozalelele ekhaya futhi engaganile ebizwa ngokuthi wuMsalazabiwa!

Isithebe somakoti

Umlobokazi wumuntu wesimame oseganile, phecelezi “umakoti”. Ekhaya uma umakoti eseganile zawushaya impela waphelela umgcagco, lowomakoti udlela esithebeni somakoti abaganile kulowomuzi, akadli kwesinye isithebe sabantu abangekho esigabeni sakhe sempilo. Ukuze umakoti aqale adlele kulolo gqoko, lowomakoti uhlatshwelwa imbuzi emvumelayo ukuthi aqale ukudla ogqokweni lomakoti, leyombuzi uyihlatshelwa wumkhwenyana wakhe, noma ke abanye abakhwenyana bengasakwenzi lokho. Umakoti osemusha nguyena oqobela abantu ngoba isintu sithi omncane kumelwe enzele abadala ezintweni eziningi. Ubudala lobu abusho ukuba mdala ngokweminyaka kodwa kusho ukuthi wubani ogane kuqala ngokwasemzini, ngoba ngisho umakoti omncane ngokweminyaka uma egane kuqala kuba nguyena obizwa ngomdala ngaphandle ke kwesimo lapho asuke egane khona inkosana yakulowo muzi ngoba lokho kusuke kuhambisana nokuzalwa. Umakoti lo wuyena ohlukanisa inyama edliwayo, okuthi enye ayifake ogqokweni lezingoduso ezingakagcagci ngokwesintu.

Isithebe sezingoduso

Ingoduso wumuntu osuke eselotsholiwe ebe engakagcagci. Nazo izingoduso zinogqoko lwazo lwenyama ezidlela kulo. Njengoba kuveziwe ngenhla, kuba ngumakoti osikela izingoduso inyama yesithebe sazo.

Isithebe sasesibayeni

Kuningi abesilisa abahluke ngakho lapho kuqhathaniswa nabesimame. Lokhu kuyabonakala lapho kunemicimbi yesintu noma umsebenzi owenziwayo ekhaya. Ngaphandle kokuthi abesimame baba sexhibeni lapho okuphekelwa khona ukumaya, ngisho nalapho sekumaywa kuyahlukwana ngendlela okwenziwa ngayo lapho kuqhathaniswa namadoda. Abantu besilisa ngale kokubahlukanisa ngokwezigaba zabo kanye neminyaka, bona badlela esibayeni. Nakhona esibayeni kunemithetho yakhona, umuntu akangeni nje esibayeni evathazela ngezandla engaphethe lutho, kepha kuwumthetho ukuthi aphathe izihlangu zakhe ukuze naye asikaze uma ziwushaya, noma kuyinduku eyodwa nje ukuhloniphisa isibaya somnumzane okusuke kubuswa kuso ngalelo langa. Nakhona lapho izithebe zakhona zinomthetho olandelwayo ngendlela yakhona. Buka nje phela ngoba amakhehla kuyaziwa ukuthi ahlala ngakuliphi icala esibayeni. Phela amakhehla lawa ahlala ngasesangweni lezinkomo wodwa athole incoso yawo ogqokweni lawo okuba yizitho ezithile zenkomo ngoba phela kuyaziwa ukuthi ibandla elithile esibayeni liba nezitho ezithile eziba yinyama yazo. Ngemuva kwamakhehla kulandela abanumnzane, bona ababe sebelandelwa yizinsizwa kanye namabhungu. Uma sekudliwa kunomthetho wokuthi inyama iqotshwa ngumuntu omncane kulelo bandla, uma ke eyiqoba iqatha lokuqala lidliwa nguyena ngaphambi kokuthi inyama idliwe yibandla leli aliqobela inyama, lokhu kubizwa ngokuthi “ukukhishwa kobuthi” okukhombisa ibandla ukuthi lenyama edliwayo ayinabuthi noma akukho ukuganga okwenziwe kuyo. Lowo oqoba inyama uyibamba ngesandla sokunene aqobe ngesokudla, lone wumthetho okhona kuyo yonke indawo esintwini. Ngisho uma sekuqediwe ukudla lowo obeqoba inyama kuba owokugcina odlayo ngoba phela umthetho uthi umuntu omdala uyena oshiyela abancane inyama ogqokweni ayi ukuthi omncane kube nguye oshiyela abantu abadala ngoba lokho kungabe kukhombisa ubuhlongandlebe nokungahloniphi. Abantu besilila abangadleli esibayeni sanhlobo ngoba phela bona abanalo ugqoko lwabo oluqondene nabo kuba ngabafana. Abafana abanayo indawo ebandleni ngoba phela ukuba sebandleni kudinga ube sesigabeni esithile sempilo.

Abafana nephaphu entabeni

Abafana bona abanandawo esibayeni, indawo yabo igcina ekuhlinzweni kuphela. Uma inyama isiphakwa abafana banikwa iphaphu abahamba bayolosa entabeni okuyilapho ke ngokujwayelekile beqhathwa khona babe nomdlalo wokungcweka. Uma kukhona ohluleke ukuvika balishaya phezulu ikhanda agcine esemfuleni eyoligeza bese efakwa umhlabelo khona ezosheshe aphole. Kulokho kungcweka akubanjelwana magqubu ngoba phela kusuke kudlalwa. Ingqwele ebahlule bonke ekuqhathweni yiyona ke ethole inyama eningi uma kudliwa iphaphu ngoba phela yiyona esuke ibaqoqode bonke emakhanda.

Sizwe sikaZulu siyigoqa lapha okwamanje kulengosi, besithi ake sidle ingevu siqephuze ngendaba yesithebe kanye nesihambisana nakho ngokwesintu sakithi KwaZulu. Siyathemba ukuthi kulenkeshemba esiyiphakile laba abazoyimaya bazosina bazibethele badle banconcoze ngoba phela sikuphule kugalaza lokhu esikuphake lapha.

Leave a Reply