Isiphandla

Amasiko esintu ayashintsha ngokuhamba kweminyaka nangokushintsha kwezizukulwane. Ngisho amasiko ayisisekelo njengesiko lokulobola aseshintshile njengoba kuqala kwakuphiwana izipho, kwalandela ukulobola ngezinkomo abanumnzane besafuyile benemfuyo, kanti manje sekulotsholwa ngemali esikhundleni sezinkomo. Phakathi kwamasiko aseshintshile ngokuhamba kwesikhathi, singabalula nesiko lesiphandla noma ukugqokwa kwaso. Uma ngikhuluma ngesiko lesiphandla angisho lapha okusuke kufakwa khona umuntu isiphandla ekhaya ebikwa kwabadala njengomntwana wakulowo muzi, kepha ngisho nje ukufaka isiphandla esandleni uma kukhona okwenziwayo ekhaya okungokwesintu njengo msebenzi noma umgubho. Abasiki bebunda ke bayayizeka eyokuthi incazelo yokufaka isiphandla ihlukene ngokuhlukana kokwazi kwabantu kanye nangokuhluka kwamasiko abantu nemizi. Phela noma singamaZulu akusho ukuthi sonke silandela isiko elilodwa elibhanqa konke, kodwa imizi ngemizi inezindlela eyenza ngazo izinto mayelana namasiko aqondene nayo ngqo!

Udaba lwesiphandla luyingwijikhwebu

Iyingwijikhwebu ke indaba yesiphandla, inxazombili njengobhaxa impela ngoba phela abayizekayo bathi isiphandla lesi akulona isiko lakwaZulu kodwa umkhuba owenziwayo esingazi ke nokho noma yiqiniso elimsulwa yini lelo noma uhubhu lukabhejane. Noma kulumela ke ukuzwa lokhu njengembuya engadlulile emanzini, bathi isiphandla asisho lutho noma asihlanganisi abaphansi nabaphilayo kodwa sikhombisa nje ukuthi bekubuswa kulowomuzi obekuhlatshwe kuwo. Lokhu kusho ukuthi indaba yesiphandla ihlukene kabili, ake siyineke ke!

Isiphandla lapho umuntu evakashile

Emandulo bekuthi uma umuntu ebuya kade enohambo okungaba ukuvakashela izihlobo noma umngani, ubethi uma efika lapho avakashele khona ahlatshelwe, lokho ”kwakubizwa ngokuthi ukuhlatshiswa”,  obekuba yimbuzi bese kuthi lesosivakashi sigqokiswe isiphandla njengophawu noma ubufakazi bokuthi cha lomuntu olapha esigodini sakithi yisihambi lesi kodwa uvumelekile ukuthi abe lapha kanye nathi. Ukugqoka kwesivakashi isiphandla kwakukhombisa ukuthi sasemukelekile lapho sasivakashele khona.

Isiphandla sephisi elihlabene ekuzingeleni

Kwakungagcini ke lapho ngoba ngisho namaphisi azingelayo ayangena endabeni yesiphandla. Ukuzingela lokhu phela wumdlalo ocishe ufane nomgangela lapho okushawa khona izinduku ngoba onke amaphisi afuna ukubuya efumbethe enqineni uma ephume nezincanga zawo. Bekuthi uma amaphisi esebuya ekuzingeleni kuhlinzwe izinyamazane azibambile bese kuthi lowo ohlabene ngenyamazane enkulu njengomganka noma impala, kwakuwumthetho ukuthi lelophisi lisike isiphandla saleyonyamzane bese lisifaka, lisigqoke,  lokho ke okwakufana nokuchonywa ngophaphe legwalagwala emaphisini ngoba lesosiphandla sasisho ukuthi lelophisi lenze kahle kakhulu njengoba lalihlabene ngenyamazane enkulu lahlula amanye amaphisi ebelizingela nawo. Isiphandla sokuzingela besingagcini nje kuphela ngesezinyamazane ngoba phela ngisho nesenyoka efana nenhlwathi amaphisi abesifaka, noma ke phela lokho bekungasho ukuthi inyoka yabe isuke izodliwa njengenyamazane.

Isiphandla lapho kuhlatshiwe ekhaya

Sisagudla nayo ngenhla kwedolo njengebheshu lendaba yesiphandla. Bekuthi uma kuhlatshiwe ekhaya, okunamanje okusenziwa uma kunomsindo wesintu noma kukhona umcimbi owenziwayo, abakulowo muzi bebefaka iziphandla ukukhombisa khona ukuthi bekubuswa ekhaya kodwa hhayi ngoba benzela amadlozi. Ngithi angikuveze ke ukuthi isiphandla asifakwa wumuntu ongakenzelwa umsebenzi wokufakwa isiphandla ekhaya ngoba phela isiko alivumi.

Isiphandla asihlanganisi abaphilayo nabaphansi

Ibuye inganambithisiseki kahle lendaba yesiphandla ifane nesibindi esiphekwe nenyongo ngoba phela kuthiwa izinto ezihlanganisa abantu nabaphansi yimpepho efakwa izicwiyo ezikhishwe embuzini isadikiza emva kokuba ihlatshiwe, kanye nenyongo yembuzi. Inyongo leyo kuyiwa nayo emsamo kwenziwe umkhuba wakulowo muzi kugqokwe iziphandla.

Isiphandla nokuthwasela ubungoma

Kuthiwa usiko lokufakwa kwesiphandla luqhamuke ngemuva kokudlula kweLembe (inkosi uShaka) emhlabeni. Sithola ukuthi ngemuva kokukhothama kweLembe kube nensakavukela kuhle komchilo wesidwaba ukuqhamuka kwezangoma. Kuyaziwa ke ukuthi ekuthwaseni ukuze umuntu abe yisangoma uphuma ephehlweni bese kuyahlatshwa ngoba phela umsebenzi wobungoma uhambisana nabadala abahlale befuna ukuhlatshwelwa izilwane. Kwazi ngisho nohlanya ke ukuthi isanusi uma siphuma ephehlweni siyahlatshiswa uma sesibuyela ekhaya. Kuhlatshwa inkomo nembuzi okube sekuthi isangoma leso esibuya ephehlweni sigqoke iziphandla zasezandleni kanye nesiphandla sasemzimbeni esisikwa sibe sikhulu sanele ukuhamba umhlane wonke kanye nesisu.

Sesivala nje ukuthi isiphandla sihlangene namadlozi noma asihlangene akusiyona into ongangibuza ungiphale ulimi ngayo ngoba angazi, kodwa ke kulengosi besibeka ulwazi esiluthole mayelana naso isihloko sesiphandla lesi. Noma kunjalo ke kodwa esikhathini samanje baningi abantu abakholelwa wukuthi isiphandla sihlangene nendaba yedlozi nami nje ngingomunye wabo ngoba phela izinkolelo zethu ezihambisana namasiko sizincela ebeleni ekukhuleni kwethu, yingakho nje kunzima ukuphikisana nakho ngoba phela isiZulu sikubeka obala ukuthi indlela ibuzwa kwabaphambili, kanti ke wonke umuntu unekubo lapha afunda khona ngamasiko asekhaya nawesigodi njengoba engekho umuntu oqhuma esidulwini njengekhowe lasendle, kepha sonke sinemindeni esikhulisayo. Olunye ulwazi olumayelana nesiphandla kutholakala kuyo lenkundla ngaphansi kwesihloko isiphandla nenyongo.

2 thoughts on “Isiphandla”

Leave a Reply