Imithi yokwelapha yesintu

Isexwayiso

Uma usebenzisa umuthi wesintu kubalulekile ukuthi wazi isikalo okumele usisebenzise noma usithathe. Ukwazi ukuthi umuthi ufanele umuntu omncane (ingane) noma abantu abadala kuphela kanye nokwazi ukuthi ungasetshenziswa umuntu wesilisa noma wesifazane. Ukwazi ukuthi umuthi ungena ngenhla (uyaphuzwa), ngezansi (uyachatha), uyaphalaza noma uyagquma. Eminye imithi iyaphuzwa kuphela kodwa ayichathi kanti eminye ichatha kuphela ayiphuzwa. Eminye imithi igeza igqume kuphela ingaphuzwa futhi ingaphalazi.

Ukwazi ukuthi umuthi ukufanele yini ukungena ekhaya nakho kubalulekile ungangenisi umuthi ozomosha ikhaya, ngokwesibonelo idungamuzi alingeni ekhaya. Kubalulekile ukwazi izihlahla eziwusizo ukuthi zitshalwe noma zibe khona ekhaya ngaphandle kokuzithaka. Ezinye izihlahla ukuba khona kwazo nje ekhaya kuba wusizo, ezinye ziletha ukuthula, zivimbe izulu, zixoshe inhlupheko kanye nokunye okuningi.

Angeke sikufihle ukuthi imithi isetshenziselwa izinto eziningi, abanye belapha ngayo kanti abanye balwa (thakatha) ngayo. Abanye balwa ngayo ngokuphindisela (impinda) kulabo abasuke sebegadle kuqala.

Imithi yokwelapha iyahlanganiswa ngezihlahla kanye nezilwane ezithile. Kulesi siqephu sikufundisa ngokwelapha ngesintu usebenzisa izihlahla kanye nezilwane. Lokhu esikubhalayo kungumbono kanye nolwazi esinalo, kungenzeka khona indlela ehlukile owazi ngayo, kanti futhi ngokubhala asiphikisi inkolelo yomuntu ngamunye.

Umuthi uyasebenza uwodwa kanti eminye ifuna ukuxutshwa noma ukuthakwa neminye ukuze ikhiphe ikhambi.

Kunomehluko phakathi komuthi nesiwasho

Isiwasho kulula ukusididiyela kanti futhi isikhathi esiningi asinabo ubungozi. Isiwasho singadidiyelwa ngezinto ezisetshenziswa ekhaya, ukupheka kanye noku kilina, ngokwesibonelo iswayi nomadubula (ushibhoshi).

2 thoughts on “Imithi yokwelapha yesintu”

Leave a Reply