Esizweni samaZulu, umakoti kanye nomndeni wakhe emva kokucelwa nokulethwa kwezibizo kubo bavame ukuhambisa umbondo ekhweni.
Abakwamakoti bakwenza lokhu ngenhloso yokujabulisa umamezala kanye nawo wonke umndeni wasekhweni.
Ukuhanjiswa kombondo kuvame ukukhashwa ngemililizelo nokugiya. Umlilizelo othandwa ukuculwa kakhulu uma kuhanjiswa umbondo ulo othi: Sizongena
Le ngoma iculwa kanje:
Abaholi : Sizongena lapha emzini
Abavumi : Sizongena
x3
Bonke : Sivulele singene sonke,
We mfazi ongemama
x3
Abaholi : Sicela usilondolozela
We mfazi ongemama x2
Bonke : Wi Wi
Thina lapha emzini
Sizongena
x3
Abaholi : Sivulele indlela
Abavumi : Thina lapha emzini
Bonke : Sizongena