Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Ungabhala ngazo! Ngaphandle kwalokho, cela abanye ababaziyo noma ucinge ku-Inthanethi ukuthola izithakazelo ofuna ukuzibhala.
Landela lezi zinyathelo ukufaka izithakazelo kwi-iAfrika:
1. Sesha izithakazelo kwi-iAfrika.org
Cofa i-search icon phezulu ekhasini ukusesha izithakazelo ongathanda ukuzibhala kwiwebhusayithi ye-iAfrika. Isibonelo: “Izithakazelo zakwa Zulu”.

- Uma uzithola ngemuva kokusesha (ngengasesithombeni ngezansi), kusho ukuthi sesinayo i-athikili yalezo zithakazelo ofuna ukubhala ngazo. Kuyomele ubheke esinye.

- Uma ungasitholi uma usesha, ungasibhala.
2. Ukubhala (Add) i-athikili
Manje usukulungele ukuqala ukubhala i-athikili yakho. Lokhu ukwenza ngokugcwalisa ifomu elisezansi kuleli khasi.
Faka isihloko kwi-athikili yakho
- Qala ngokucofa “Umlando Izithakazelo” ibhokisi ngaphansi kwe- “Category”.
- Ebhokisini lokuqala (lapha okuthi khona “Add Title”), thayipha isihloko se-athikili yakho, njengokuthi “Izithakazelo zakwa Mnikathi”, njenge sibonelo.
Bhala umzimba we-athikili yakho
Uma usisifakile isihloko sakho ebhokisini lokuqala, usukulungele ukufaka umbhalo (obuye ubizwe ngomzimba we-athikili) ebhokisini lesibili.

- Ebhokisini lesibili, ibhokisi elikhulu lokubhala (lapho okuthi khona “Add Article Text”),qala ukuthayipha umbhalo oyinhloko we-athikili yakho.
- Kulesi sibonelo kufakwe lombhalo olandelayo: “Mnikathi, Khaphela, Gcwensa, Maqoqo”.
3. Thumela (submit) i-athikili yakho
Uma usuqedile nge-athikili yakho, cofa inkinobho ethi “Submit Article” ukuyithumela.