Emanzini/Ukushonelwa

Ulimi lwesiZulu ulimi olucebe kakhulu uma lukhulunywa, amagama amaningi anamagama ahloniphisayo. Okuningi okuthi uma kukhulunywa manje okunye kwakho sisuke sicabanga ukuthi kusuke kusahlonishiswa kanti cha, kuyilokho okusuke kubekwe ngakho. Uma kudlule umuntu ekhaya kujwayelekile ukuzwa kuthiwa umndeni usemanzini ngenxa yesinyama esisuke siwuvelele lowomndeni. Kuleli khasi ke sithi ake senabe kahle ngokuthi kusho ukuthini uma kuthiwa la abashonelwe khona basemanzini kanye nase makhandleleni.

Umlando ngamanzi

Ukukhuluma okuchaza ukuthi umndeni oshonelwe usemanzini kubhekwa emlandweni wangeminyaka yama 1500s la okuthiwa khona uma umuntu eshonile isidumbu/umzimba wakhe wawugcina endlini kusetshenziswa isihlabathi samanzi ukuze singonakali. Uma kuthiwa umndeni usemanzini amnyama kusuke kukhulunywa ngokuthi ukushona komuntu kuyisinyama noma ishwa vele bese kuhlanganiswa nakho ukuthi nenhlabathi emanzi yayisetshenziswa uma kushoniwe. Emandulo amakhaza la osekubekwa khona manje izidumbu ukuze zingonakali ebengekho. Lokhu kusho ukuthi kwakumele kube nendlela yokusigcina isidumbu okuyiyona lena yesihlabathi somfula namanzi. Isidumbu sikamufi kwakuthi uma umuntu eshonile kwakuthathwa isihlabathi somfula sikhiwe simanzi kulandelwe ngokuthi sifakwe lapha eqhugwaneni la okuzogcinwa khona isidumbu. Isihlabathi lesi besindlalwa phansi silingise umbhede ukuze umuntu ezokwazi ukulaliswa kusona bese sibekwa phezulu kwayo inhlabathi.

Isizathu salokhu kwabe kungukuthi isidumbu singabambi ukushisa bese sigcina sonakala ngenxa yalokho. Abantu ababehlala ekugongqeni ibona omama nogogo njengoba namanje kusenziwa. Ukugcinwa kwesidumbu lesi bekwenzelwa khona ukuthi uma kunezihlobo ezithile ezilindiwe zifike singakonakali isidumbu ukuze bezofihla. Babevimba amanzi avela enhlabathi bewahwenqa ngezandla sakusinda bewabuyisele esihlabathini lesi esenziwe umbhede. Umuntu ongenayo obona izalukazi wayethi umndeni walapha ekhaya usemanzini ngempela. Leyonkulumo ethi umndeni noma abomuzi basemanzini ivela lapho. Okunye ke kepha okuvelayo ukuthi kwesinye isikhathi isidumbu sasingalindi, ikakhulukazi ngezinkathi zezimpi. Umuntu uma eshonile wayefihlwa ngalo lelo langa ngaphandle ukuthi kube khona abalindwayo.

KwaGoqanyawo

Njengoba sishilo nje ukuthi maningi amagama esintu asetshenziswayo ngokwehluka kodwa esho into eyodwa. Uma kukhulunywa ngokuthi umuntu uya kwagonqanyawo kusuke kusho ukuthi usuke eyofihlwa emangcwabeni. Ukufihla sekuhlukile ke esikhathini samanje kunesikhathi saphambilini. Ukuthi ikwagonqanyawo kusuka ekutheni umuntu uma efihlwa ebegoqwa ngesikhumba senkomo imilenze yakhe igoqwe bese eyafakwa emgodini. Kepha ke ngokushintsha kwezinto nangokuhamba kweminyaka kwagcina umuntu efakwa emncwabeni yakhe imilenze iqondile njengoba sekwasetshenziswa namabhokisi nje. Ukushona komuntu kanye nokufihlwa kwakhe into ehlonishwa kakhulu, ingakho ngisho namasimu engathintwa kungalinywa ngisho ukulinywa kuze kube umuntu usefihliwe wangcwatshwa.

Leave a Reply