Izithakazelo zakwaDlamini

DLAMINI Sibalukhulu, Mdlovu, Magaduzela, Magaga kaNsele, Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba, Mgoqo ovimb’esangweni nansi impi, Izwe lafa ngathini na? Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni, Ngonyama! [sc_embed_player fileurl=”https://iafrika.org/wp-content/uploads/2017/02/Dlamini.mp3″]Dlamini Thola i-ringtone yezithakazelo zakwaDlamini! Thumela i-SMS ethi ‘iringtone dlamini’ ku 40131 bese sizokuthumela umyalezo wokulanda i-ringtone yesithakazelo sakho. (I-ringtone ibiza … Read more

Izithakazelo zakwaMbonani

masimula, mgidi, mlotjwa, kulungwana mgid’akodumago, yindumandumani eyadum’ezizweni, yaduma nasedlomudlomu kulungwana lekhethu lekomeni ngelaphika nemihlamb’amadoda kwaze kwadinw’ imhlambi yamadoda isebe liphezulu eqongolweni libambele ematjekeni womlomo mlamula komagwabo, ngowalamul’ikunzembili sisilwa, ngathana wazilisa bezizakubulalana bath’umlotswa ngewakhuphina?, ngowakh’esqongololweni sentaba abamfunako bamthola ngokumlalamela

Izithakazelo zakwaGatsheni

Ndlovu, Boya benyathi, obusonga busombuluka, Mpongo kaZingelwayo, Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi, Zaze zeluswa intombi uDemazane, Nina bakwaKhumbul’amagwala, Nina bakwaDemazane Ntombazana, Nina bakwaS’hlangu sihle, Mthiyane, Ngokuthiy’amadoda emazibukweni, Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo ZakwaMyeni

Mdolomba Mzukase, Mnguni wasenhla Wena waseNingizimu Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane Mdlomba kaDuma Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala Ngwenya kaMalambe Mzimela Mziyankatha