Izaga ngamagqubu nezinsongo
Zisho ukuthini izaga ngamagqubu nezinsongo?
Zisho ukuthini izaga ngamagqubu nezinsongo?
Izibongo zensizwa zisuka ngazo izigemegeme zayo, azifani namagama umuntu aqanjwa wona ekhaya ngabazali bakhe. Uma kuthiwa umuntu “Uhubhuza uhubhu lukaBhejane”, kusuke kushiwo ukuthi usenga ezimithiyo, ukhuluma amanga. Kwakuwubani uHubhu kaBhejane? Emandulo kuthiwa bekunendoda yakwaMpanza eyabe izalwa nguBhejane igama layo kunguHubhu. Kuthiwa lendoda ibizifela ngengevu kanti ke nehaba bekuyinto yayo. Ngesikhathi sokubusa kuka “Nodumehlezi kaMenzi” (uShaka), … Read more
Ulimi lwesiZulu lunone ngazo izisho nezaga ezisuka ezahlakalweni ezithile ezenzeka emlandweni noma emandulo. Kusho ukuthini ukuthi “selidumela emansumpeni” Uma kuthiwa “selidumela emansumpeni”, lokho kusho ukuthi hhayi impela umncindo usuyavuthwa embizeni. Lesi saga sichaza ukuthi sekuyalunga, sekusele kancane kuqedwe kumbe kuphele ngalokho okulindiwe. Kwavela kanjani? Njengoba kade sengike ngandlalela umsuka wezaga nezisho, umsuka walesi saga uhamba … Read more
Ake sitekule ngesintu sakithi, singasho bona abafazi bakwaNomgaga ababetekula behlez’ emlovini! Ukuthi “zinqunywa amakhanda zishiywe” kusho ukuthini? Uma kuthiwa “zinqunywa ‘amakhanda zishiywe”, noma “zinqunywa ‘amakhanda ziyekwe”, lokho kufana nokugeza esingezansi kuphela ushiye ngenhla. Kusho ukuthi wenze into kodwa kwaba khona okushiyile wangayiphetha. Kuchazani? Lesi yisaga esichaza ukukha indaba phezulu bese uyishiya kanjalo ungafuni ukugeqa amagula. … Read more
Igama elithi isaga lisho into enemiqondo noma izincazelo eziningi. Yini isaga? Isaga siyasetshenziswa ukuchaza into ewumhlola, siphinde zichaze into engajwayelekile ngesikhathi esithile. Izaga futhi ziyasetshenziswa uma kubhungwa noma kulotshwa, zisetshenziselwa ukunonisa inkulumo kanye nobugagu bokwendlalela inkulumo, kanti futhi ziyasetshenziswa ukusonga, ukuxwayisa kanye nokululeka umuntu. Izaga kucikozwa ngazo kakhulu okutshengisa ubuhlakani benkulumo okunye nokungabeki mbaba amagama … Read more
Lezi zisho ziyigxube, zifaka lonke uhlobo lwezisho ezingamagama azifani nalezo ezihlukaniseke ngamagama noma ngeziqu zamagama. Izisho nezincazelo