Izaga ngokuphindisela

Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa – Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba – Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.

Izaga ngokuba nethemba

Sezihubela sakusha – Izinkobe eziphekiwe ngembiza noma ngebhodwe ngesimanje okukhulunywa ngazo lana, uma ke sezihubela sakusha zisuke sezizovuthwa ziphulwe ebhodweni. Uma sisetshenziswa ke lesi saga sisuke sichaza ukuthi ungalahli ithemba ngoba izinto sezizolunga.Nalapho kungekho qhude kuyasa – Akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.

Izaga ngokuba nenkani

Umvundla ziyowunqanda phambili – Lana usuke ukhuzwa ukuthi uma ungalaleli uzohlangana nezinkinga ezizoba ngaphezu kwamandla ukhumbule iziyalo zabazali ababekuyala ngazo ususenkingeni. Hamba juba bayokuchutha phambili: Uma ungakhuzeki noma utshelwa ngento ungalaleli, uyobuya usuqondile usukhahlamezekile ngenxa yokuhlupheka nokuswela usushayekile. Ababuyisi baphambili: Uma kuthiwa ungayi endaweni uphikelele wena uye ngenkani phambili, lapho ukhuzwa ukuthi ungayi khona, uyobuya … Read more

Izaga ngokufa

Akuntaba engenaliba – Ayikho indawo engamathuna, lokhu kusho khona ukuthi ukufa akukho la okungafinyeleli khona futhi akukhethi ibala njengotwayi. Zonke iziziba zogcwala izihlabathi – konke kunomkhawulo emhlabeni ayikho intambo ubude bayo obungapheli uma iluliwe. Nayo impilo injalo, umuntu unesikhathi asinikiwe sokuphila njengoba kungekho emhlabeni okungeke kuphele. Umhlaba kawunoni – Ukunona lokhu ukukhuluphala uma uwumuntu emva … Read more

Izaga ngengozi

Ibhizela labulala indlovu – Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho. Ingwenya idlela emsingeni – Lesi saga sichaza ukuthi ubohlonipha omakhelwane noma umphakathi, ungenzi okubi phambi kwabo. Okubi kwenzelwa le esithe/ekucasheni. Enye incazelo: sisebenza kumuntu oncishanayo odlela esithe ongafuni ukupha abanye. Ikuphi “emsingeni”, emsingeni kulapho ingwenya eyaye ingene khona uma isibambe inyamazane. Iyaye iyithathe ingene nayo … Read more

Izaga ngomendo

Umendo awuthunyelwa gundane – Lana kusuke kukhulunywa ngentombazane, itshelwa ukuthi akwaziwa ukuthi izophatheka kanjani uma ifika khona njengoba engekho owaziyo ukuthi ikusasa liphetheni. Umendo kawu bhulelwa – Intombazane kayazi ukuthi bazoyiphatha kanjani lapho ezogana khona, ize ibone ngoba isingene phakathi. Umendo ngumkhumulansika – La mazwi asuke ashiwo uma intombazane izishawa izinduku zayo, isigilekile emendweni, lapho … Read more

UHubhu kaBhejane (Amanga)

Izibongo zensizwa zisuka ngazo izigemegeme zayo, azifani namagama umuntu aqanjwa wona ekhaya ngabazali bakhe. Uma kuthiwa umuntu “Uhubhuza uhubhu lukaBhejane”, kusuke kushiwo ukuthi usenga ezimithiyo, ukhuluma amanga. Kwakuwubani uHubhu kaBhejane? Emandulo kuthiwa bekunendoda yakwaMpanza eyabe izalwa nguBhejane igama layo kunguHubhu. Kuthiwa lendoda ibizifela ngengevu kanti ke nehaba bekuyinto yayo. Ngesikhathi sokubusa kuka “Nodumehlezi kaMenzi” (uShaka), … Read more

Abasiki bebunda

Sikhule emakhaya kufulelwa ngotshani obahlukahlukene futhi obunamagama ahlukahlukene. Kukhona utshani okuqalwa ngabo ngaphansi uma kufulelwa, obuqinile. Bese kuba khona-ke lobo tshani okugcinwa ngabo ngaphezulu. Yini ibunda? Umbuzo umile-ke othi: Yini ibunda? Ibunda phela wuhlobo lotshani bokufulela, omame bayabusika lobu tshani ukuze kufezwe umsebenzi lowo walo ibunda. Lowo msebenzi kungaba ukufulela noma okunye. Kudala izwe lisabusa, … Read more

Selidumela emansumpeni

Ulimi lwesiZulu lunone ngazo izisho nezaga ezisuka ezahlakalweni ezithile ezenzeka emlandweni noma emandulo. Kusho ukuthini ukuthi “selidumela emansumpeni” Uma kuthiwa “selidumela emansumpeni”, lokho kusho ukuthi hhayi impela umncindo usuyavuthwa embizeni. Lesi saga sichaza ukuthi sekuyalunga, sekusele kancane kuqedwe kumbe kuphele ngalokho okulindiwe. Kwavela kanjani? Njengoba kade sengike ngandlalela umsuka wezaga nezisho, umsuka walesi saga uhamba … Read more

Inhlwathi

Sesike saloba kakhulu ngezilwane zasekhaya kanye nezasendle kule ngosi yolimi lwebele kepha-ke besisika nje kwelijikayo. Kulokhu sithi asikhe phezulu kwingwebu yobesiZulu sinichathekele ngolwazi mayelana nenyoka yasehlathini ebizwa ngokuthi inhlwathi. Abasaziyo isintu bazi kahle ukuthi inhlwathi ayigcini nje ngokuba yinyoka eyingozi kepha kuningi ngayo okuthinta abadala noma amadlozi kanye nabo-ke abalaphi bendabuko, sesisho phela izanusi nezinyanga … Read more

Zinqunywa amakhanda zishiywe (ziyekwe)

Ake sitekule ngesintu sakithi, singasho bona abafazi bakwaNomgaga ababetekula behlez’ emlovini! Ukuthi “zinqunywa amakhanda zishiywe” kusho ukuthini? Uma kuthiwa “zinqunywa ‘amakhanda zishiywe”, noma “zinqunywa ‘amakhanda ziyekwe”, lokho kufana nokugeza esingezansi kuphela ushiye ngenhla. Kusho ukuthi wenze into kodwa kwaba khona okushiyile wangayiphetha. Kuchazani? Lesi yisaga esichaza ukukha indaba phezulu bese uyishiya kanjalo ungafuni ukugeqa amagula. … Read more

Izaga zesiZulu Nokusebenza Kwazo

Igama elithi isaga lisho into enemiqondo noma izincazelo eziningi. Isaga siyasetshenziswa ukuchaza into ewumhlola, siphinde zichaze into engajwayelekile ngesikhathi esithile. Izaga futhi ziyasetshenziswa uma kubhungwa noma kulotshwa, zisetshenziselwa ukunonisa inkulumo kanye nobugagu bokwendlalela inkulumo, kanti futhi ziyasetshenziswa ukusonga, ukuxwayisa kanye nokululeka umuntu. Izaga kucikozwa ngazo kakhulu okutshengisa ubuhlakani benkulumo okunye nokungabeki mbaba amagama alumelayo kuloyo … Read more