Izaga ngokuzimela

Uzibonakalisa ngamabala amahle – Indlela oziveza ngayo kubantu, okungabalwa nokuziphatha ngobuntu yikhona okukwenzela ugazi kubantu, kanti futhi yikhona okungakwenza uzuze okuhle. Ukuzigeza, nokwenza konke okuhle emzimbeni wakho nakubantu, yiwona amabala okuthandeka lawo okukwenza izinto zikuhambele kahle ukwazi nokusizwa. Umpheki udla intuthu – Lesi saga sihambiselana nalesi esithi ‘isikhuthali sidla ukukhuthala’, zombili lezi zaga zisho ukuthi … Read more

Yini Isisho?

Isisho siyakwazi ukushintshashintsha, siyakwazi ukuya ebuningini siphinde sihambelane nesikhathi, kungaba inkathi yamanje noma inkathi eyedlule. Izisho ziyashintshashintsha noma ziyanda njengoba isikhathi sihamba. Kungaba khona ezintsha zisuselwa enkulumweni yomuntu othile. Ngokwesibonelo, isisho esithi “Ziyakhala” sibe sematheni ngemuva kokuthi sisetshenziswe kaningana. Uma kukhona inkulumo echumayo noma edumayo iyasetshenziswa njenge sisho. Izisho zithatha isimo noma isenzo esejwayelekile emphakathini, … Read more

Izaga ngobugebengu nokujeza

Kakucala laswela izaba – Uma wenza izaba usuke usuwenza nje, noma ubona kuthi lento oyenzayo ayisenamphumela othile. Lenkulumo izimpande zayo zisekutheni uma umuntu esesesigcawini ethweswe icala ubeka lokhu nalokhuya ukuzihlalula kulelo cala, yize noma kusuke kubonakala ukuthi uyena owenze lelo cala. Usuke esebeka izaba, bese kuqhamuka lenkulumo ke ethi alikho icala elaswela izaba. Iqhina liphuma … Read more

Izaga ngobungane

Uchakide uhlolile, imamba yelukile – Kulesi saga kushiwo lapho izingane ziganga ekhaya kungekho muntu. Kuthathelwa kuchakide okuthiwa wayenza imikhuba yokugcwaneka endulo, lapho ebeke emakhaya kuhanjiwe. Phela kuthiwa yena wayebeka nemizi yezimamba, neyamazimu, neyezalukazi agange asho, eyedwa. Injalo iphuma edunjini – Injalo imbewu yesithelo okuthi uma itshaliwe iphume ifane naso isithelo leso. Lesi saga sichaza ukuthi … Read more