Sesha

Izithakazelo zakwaZulu

Zulu, Ndabezitha, Mntwana, Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda, Zulu omnyama ondlela zimhlophe, Wena kaPhunga noMageba, Wena kaMjokwane kaNdaba, Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva, S’thuli sikaNdaba, S’thuli sikaNkombane, Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu, Wena kanogwaja omuhle ngomlenze, Wena kaMbambelashoba, Ndabezitha! iAfrika

Umlando Wesibongo SakwaNtombela

Umlando wabo Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela ongumnewabo kaMalandela bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane ubenamadodana amaningi kuwo kubalwa, uMcineka, uMchunu, uKhanyile, uMahaye nabanye abaningi. UNtombela ubekhonze umnewabo uMalandela ngoba nasemuva kokukhothama kukaMalandela nguNtombela obambele indodana yomfowabo. Leyo ndodana bekunguQwabe yena yedwa uQwabe wodumo emlandweni wakwaZulu. Ibilanywa nguZulu. UMalandela ukhothame besebancane oQwabe noZulu. Bebezalwa ngundlunkulu kaMalandela uNozidiya wakwaZungu. … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNtshangase

Umlando WakwaNtshangase Nezithakazelo zaboNtshangase! Menziwa! Nina bakaGala kaNodade Nin’ enibiya ngenkomo Abanye bebiya ngamahlahla Nin’ enasindis’ uZulu Ezobulawa yindlala ngoNandi Nina bakaSitambi kaMasiphula. Umlando wabo Abantu bakwaNtshangase bangama Ntungwa-Nguni baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba eyaziwa ngokuthi kuseGazini ngoba enkulu ngeyaseMqekwini. Baphuma kuNtshwankeni owabelamana noXhoko. Bangabantu ababodwa nabakwaBiyela. Bona bazibize ngoNtshangase baseMgazini nje yingoba uNtopho kaNtshwankeni … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNtuli

Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele. Batholakala endaweni engaphansi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo, eMnambithi. Baziwa kakhulu ngokuthi uma befunga bathi “ngiwafunge aMabhele eseLenge!” Amanye aMabhele atholakala ngaseNtabeni yaseNkuzi ngenhla nomfula iNdaka ngaseWashibhange. Kuthiwa langa limbe iNkosi uShaka izipholele ngaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona. Kuthiwa kwakukhona amadoda, abantu besifazane nezingane. Kuthiwa bathi uma befika ngasemfuleni … Read more

Izithakazelo zakwaZuma

ZUMA Nxamalala, Msholozi, Mafahleni, Nina baka Lugaju kaMatomela KaShisa, Mashingizela ashiye impi yakhe, Dwala elibushelelezi, Maphum’ephethe inyama ngala, amasi ngapha nobukhosi amasi ngapha nobukhosi phambili! iAfrika

Izithakazelo Nomlando WakwaZondi

Izithakazelo zakwaZondi Nondaba Gagashe! Luqa! Tetane! Lusibalikhulu! Nhlabisile kaGinindza kaNjapha KaNomaphindela kaNokhuva kaNdokoshe kaSidukuduku! Gasa ngokugasela izizwe Jangeni kaBhambatha kaMancinza Maguduzela owaguduzel’ izihosha nezihosha! Mabonw’ abulawe njengenyamazane! Mpunyumpunyu bemphethe Dudul’l amaBhunu Shibase! Umlando wabo Abantu bakwaZondi badabuka eSwazini kwisizwe sikaMmbo. LoZondi indodana kaLusibalukhulu yakhona kwaDlamini, yazala uNhlabintshiseko lona owagcina esenguZondi. UNhlabintshiseko kuthiwa waxabana nodadewabo, owabe … Read more

Sign up for updates