Sesha

Amaphupho ngamaKhadi okuKweleta nokuthi amele ukuthini

Ukuphupha ngamakhadi esikweletu kumela ukukwazi kwakho ukuthola noma ukwenza okuthandayo empilweni ngaphandle kokusebenza kanzima noma ukukhathazeka kakhulu. Kukhombisa izinga lokukhululeka kwakho ngokuba namandla, amathuba noma ubumnandi. Ukusebenzisa ikhadi lesikweletu kusho ukuthi wena noma okuthize ngawe kukwazi ukwenza noma yini ukufeza injongo ngaphandle kwezinkinga. Ukuphupha ngabantu ababi benekhadi lesikweletu kungasho izinto ezingathandeki ngawe njengomuntu ezenza kube … Read more

Isho ukuthini iMali emaphusheni akho?

Ukuphupha imali – ukuphupha inkece kuya ngokuthi enjani, uma kuyinkece engamaphepha lokho kusho ishobolo, kodwa ke uma kuyimali emhlophe kusho inhlanhla. Ukuphupha ngemali ewukheshi kusho amandla okufeza izinjongo ngenkululeko ephelele. Ungakhetha ukwenza okuthandayo. Inani lemali onayo ephusheni lisebenzisa izifundo zezinombolo ukuchaza okukhethayo noma ukuzizwa sengathi unamandla. Ukuthenga ngemali ewukheshi kumela ukusebenzisa amandla noma amasu ukufeza … Read more

Kusho ukuthini ukuphupha ngeSiliva?

Umbala wesiliva emaphusheni umele ukuzizwela ngenhliziyo, inhlanhla noma izenzakalo eziqondanayo. Ukuzizwela ngenhliziyo noma ukuqondiswa ngaphakathi kukusiza ukhethe okuzokuholela kulokhu okudingayo empilweni. Ukuqondisisa kabusha, amandla amasha noma inkululeko entsha etholakalele ngethuba. Okubi ukuthi isiliva lungaba uphawu lokuthi unebhadi noma uzwa sengathi akukho okukusebenzelayo. Ukuphupha ngezinto zesiliva kumela ukuzizwela ngenhliziyo noma inhlanhla ehambisana nanoma yini into eyimelayo. … Read more

Ukuphupha ngeMali ewuhlweza kusho ukuthini

Imali ewuhlweza

Ukuphupha ngokuthola imali ewuhlweza kumela imizwa emihle ngezinto ezizuzwayo empilweni uma uphapheme. Ukuzizwa ujabulile ngokuba unokungaphezu kwalokhu obunakho kuqala. Ukuqondidisa izinkinga, ukuba namandla engeziwe, noma inkulululeko ezuziwe. Kungamela nemizwa yokuba nenhlanhla. Ukuthola into ngenhlanhla noma ukuqondana ngendlela engajwayelekile empilweni lapho ophapheme khona. Amathuba agejiwe noma alahlekile asephinde abuya. Ukwazi ngokubaluleka kwento esempilweni yakho.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza enqwabelene kumela imizwa ngawe uba nokuningi kunalokhu obunakho kuqala. Kungaba futhi ukuthi ugcina amasu noma ulindile ukuthola usizo noma ithuba. Ukwazi ngokubalulekile okubekiwe okusengxenyeni ethize yempilo yakho.

Ukuphupha ngokuqhwabaza imali ewuhlweza ngendlela enganendaba kumela ukuzwa kokungabaluleki kwento ozibone uzuza ngayo. Inhlanhla noma okubalulekile onganendaba nakho. Ukuziphatha ngendlela enganendaba ngento eyinhlanhla eyenzekile kuwe. Ukuzizwa unenhlanhla engaphezu kwbanye abantu noma ukuzizwa umuhle ngaphezu kwabanye abantu.

Ukuphupha ngokudlala umdlalo wokukhetha inhloko noma umsila wemali ewuhlweza kumela ukuzizwa noma ukuziphatha ngendlela engenandaba ngesinqumo. Ukudedela impilo noma isimiselo sikukhethele into.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza eyisiliva kumela inhlanhla noma ukuqondana kwezinto  nawe ozibona ukuithanda. Ungazizwa unenhlanhla ukuba nokungaphezu kwalokhu obunakho ngaphambilini. Ithuba noma okungalindelekile okukulethele ukuqondisisa, amandla noma inkululeko.

Read moreUkuphupha ngeMali ewuhlweza kusho ukuthini

Izizathu eziningi zokuthi uphuphe ngaManzi

Ukuphupha ngamanzi kumele okubi noma ukungaqiniseki okuzwayo. Isimo esingalindelekile. Amanzi angakhombisa futhi imizwa emibi njengokwesaba noma izinhloso ezimbi. Imicabango emibi enganakekile nemizwa emibi. Izimo ezinzima eziletha ukungaqiniseki, okungajwayelekile, izithiyo, noma izinguquko ezingathandeki.

Okuhle ukuthi amanzi angamela ukuqala kabusha noma ukuba musha njengokugeza, ukuphuza amanzi, noma amanzi asebhodleleni.

Ukuphupha ngamanzi acwebile kumela ukuthula engqondweni. Ubhekane nenkinga noma isimo semizwa esinzima. Kungenzeka uzizwe ukhululekile ubona inkinga sonke isikhathi.

Ukuphupha ngamanzi angcolile kumela izimo ezimbi noma kugaqiniseki okufanele kucatshangelwe sonke isikhathi noma okwenza kube nesidingo sokuthi uhlale uqaphile. Ukuphuza amanzi angcolile kungakhombisa indlela yokuqala kabusha esengcupheni noma eyonakele. Ukuba nomuzwa wokuthi uphucwe ithuba lokwenza kangcono.

Ukuphupha ngokuba phansi kwamanzi kumela izimo zasempilweni lapho ophapheme khona lapho ozizwa ungakwazi ukumela imizwa emibi noma izinkinga. Kungezeka ukuthi wehlulwa yisimo futhi uzizwa wehlulwa imizwa yakho.

Ukuphupha ukuthi ukwazi ukuphefumula ngaphansi kwamanzi kusho imizwa ngokukwazi kwakho ukuziphatha kahle ezimweni lapho okungenasiqiniseko kuzo noma lapho okunobubi khona. Ushintsha ukuze ubhekane nezinkinga ezinzima noma ukumelana ngokuzibophezela nesimo esibi kunazo zonke empilweni yakho.

Read moreIzizathu eziningi zokuthi uphuphe ngaManzi

Joyina mahala. Uthole konke okwenzeka kwi-Afrika mase, uthole ne-ringtone yezithakazelo zakho.